Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 16:8 - IsiZulu 2020

8 U-Aroni uyakwenza unkatho ngezimpongo zombili, olunye unkatho lube ngolukaSimakade, olunye unkatho lube ngoluka-Azazeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 U-Aroni uyakwenza inkatho ngezimpongo zombili, enye inkatho ibe ngekaJehova, enye inkatho ibe ngeka-Azazeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 U-Aroni kumelwe enze inkatho ngalezi zimbuzi ezimbili; enye inkatho ngekaJehova, enye ngeka-Azazeli.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 16:8
12 Referans Kwoze  

Amatilosi ahlanganisa amakhanda, athi: “Wozani senze unkatho, sibone ukuthi ngubani oyimbangela yalobu bubi obusehlelayo na? Alwenza-ke unkatho, lwadla uJona.”


Unkatho lwenzelwa emathangeni, kepha sonke isinqumo salo sivela kuSimakade.


“Yilo leli lizwe eniyakulehlukanisa ngonkatho, libe yifa lezizwe zakwa-Israyeli. Ilezo-ke izabelo zazo, kusho iNkosi uSimakade.”


Niyakulidla izwe ngonkatho, ngokwemindeni yakini, abaningi niyakubabela ifa elikhulu, nabayingcosana nibabele ifa elincane, noma kuphi lapho unkatho lumudla khona umuntu, kuyakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwana zoyihlo.


Izwe liyokwabiwa ngonkatho. Yileso naleso sizwana sabelwe ngokwamagama okhokho baso.


Uyothatha izimpongo ezimbili, azibeke phambi kukaSimakade ngasemnyango wethende lokuhlangana.


U-Aroni uyonikela ngempongo edliwe wunkatho lukaSimakade, ibe ngumnikelo wesono.


Kepha impongo edliwe wunkatho luka-Azazeli iyakubekwa iphila phambi kukaSimakade ukuze kwenziwe ngayo ukubuyisana, bese ithunyelwa ehlane ku-Azazeli.


Lowo obehambise impongo ku-Azazeli uyohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba ngamanzi, andukuba angene enkanjini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite