Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 16:4 - IsiZulu 2020

4 embethe ibhantshi lelineni elingcwele, efake ibhulukwe lelineni, ezibophe ngebhande lelineni, ethwele umshuqulu welineni. Lezo yizembatho ezingcwele. Uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi, bese ezigqoka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 embathe ibhantshi elingcwele lelineni, abe nebhulukwe lelineni emzimbeni wakhe, abhince ibhande* lelineni, afake isigqoko selineni; lezi ziyizambatho ezingcwele; uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi, azembathe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Uyakwembatha ingubo engcwele yelineni, abe nebhulukwe lelineni emzimbeni wakhe, abhince ibhande lelineni, abhince nomshuqulo welineni; lezi ziyizingubo ezingcwele; ngakho-ke kufanele ageze umzimba wakhe ngamanzi futhi awugqoke kanje.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 16:4
23 Referans Kwoze  

lapho bengena ethendeni lokuhlangana nalapho besondela e-althare ukuyokhonza, ukuyokwenza umnikelo wokushiswa kuSimakade, bayogeza ngamanzi ukuze bangafi.


Ngokuba umphristi omkhulu onjengaye usifanele thina; ongcwele, ongenacala, ongenasici, owehlukanisiwe kwabayizoni, owenziwe waphakama phezu kwamazulu.


Umphristi uyokwembatha isembatho sakhe selineni elimhlophe, agqoke ngaphansi ibhulukwe lakhe lelineni, bese esusa umlotha womlilo oshise umnikelo wokushiswa e-althare, awuthele eceleni kwalo.


masisondele ngenhliziyo eqinisileyo nangokwethemba kokukholwa okupheleleyo, zifafaziwe izinhliziyo zethu konembeza ababi, nomzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo.


Ngakho-ke njengalokhu abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa kwakhe ambhubhise onamandla phezu kokufa; uSathane,


Kepha wazidela, wathatha isimo senceku, wazalwa waba ngumuntu, wabonakala enesimo somuntu.


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke lo ongcwele, ozakuzalwa, uzakubizwa ngokuthi yiNdodana kaNkulunkulu.


Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe, nanjengempande emhlabathini owomileyo; yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke, yayingabukeki ukuba siyifune.


Uyogeza umzimba wakhe ngamanzi endaweni engcwele, agqoke izembatho zakhe, aphume, anikele ngomnikelo wakhe wokushiswa nangomnikelo wokushiswa wabantu; azenzele yena nabantu ukubuyisana.


“Emveni kwalokho uyakuletha u-Aroni namadodana akhe ekungeneni kwethende lokuhlangana, bese ubageza ngamanzi.


Uyoletha u-Aroni namadodana akhe ngasemnyango wethende lokuhlangana, ubageze ngamanzi.


Uyakumthungela u-Aroni umfowenu izingubo ezingcwele, ezinhle nezokuzihlobisa.


U-Aroni uyakungena ethendeni lokuhlangana, akhumule izembatho zelineni azembatha uma engena endaweni engcwele, azishiye lapho.


Umphristi oyogcotshwa ahlukaniselwe ukuba abe ngumphristi esikhundleni sikayise, uyokwenza ukubuyisana, agqoke izembatho zelineni, izembatho ezingcwele.


Kwase kufika amadoda ayisithupha evela ngendlela esesangweni elingenhla, elibheke enyakatho. Yileyo naleyo ndoda iphethe ngesandla sayo isikhali sokubhubhisa, enye kuwo yembethe ilineni, kunophondo lukayinki womlobi okhalo lwayo. Angena, ayesema eceleni kwe-althare lethusi.


Kuyothi lapho bephumela egcekeni elingaphandle, okuyigceke labantu, bazikhumule izembatho zabo abakhonza ngazo, bazibeke emakamelweni angcwele, bagqoke ezinye izingubo, funa bangcwelise abantu ngezembatho zabo.


noma ethola into ebilahlekile bese eyiphika, noma afunge ngenkohliso mayelana nanoma yikuphi kwalokho akwenzileyo, uyona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite