Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 16:34 - IsiZulu 2020

34 Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantu bakwa-Israyeli ukubuyisana kanye ngonyaka ngenxa yezono zabo zonke. UMose wenza njengalokhu uSimakade ayemyalile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana ngenxa yezono zabo zonke kanye ngomnyaka. Wenza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Kumelwe kube yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana kanye ngomnyaka ngenxa yazo zonke izono zabo. Wenza njengalokho uJehova emyalile uMose.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 16:34
14 Referans Kwoze  

Kepha ngumphristi omkhulu kuphela ongena engxenyeni yesibili engcwelengcwele kanye ngonyaka, ephethe igazi lokuzonikelela yena uqobo, nangenxa yezono abantu abazenze ngokungazi nangokungaqondi.


kungesikho futhi ukuba azinikele kaningi, njengalokhu umphristi omkhulu engena endaweni engcwele iminyaka ngeminyaka, ephethe igazi elingesilo elakhe.


U-Aroni uyokwenza umnikelo wokubuyisana phezu kwezimpondo zalo kanye ngonyaka. Izizukulwane ngezizukulwane, u-Aroni uyokwenza inkonzo yokulihlambulula kanye ngonyaka ngegazi lomnikelo wokuhlambulula isono. Lingcwelengcwele kuSimakade.”


Ngokuba ngamnikelo munye nje, ubaphelelise unomphelo labo abangcwelisiweyo.


Kodwa kuleyo mihlatshelo kukhona ukukhunjulwa kwezono iminyaka ngeminyaka,


“ ‘Ngolweshumi lwenyanga yesikhombisa niyoba nomhlangano ongcwele, niyakuphumula; ningenzi msebenzi.


Aniyukwenza msebenzi; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu, kuzo zonke izindlu zenu.


Ethendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kwesivumelwano, u-Aroni namadodana akhe bayakuzinakekela phambi kukaSimakade, kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni. Lokho kuyakuba yisimiso saphakade esiyakuhlonishwa ngabantu bakwa-Israyeli, izizukulwane ngezizukulwane.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


Aniyukwenza msebenzi ngalolo lusuku, ngokuba luwusuku lokubuyisana, ukuze nenzelwe ukubuyisana phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu.


UMose wawuhlola wonke umsebenzi, wawubona ukuthi wenziwe njengalokhu uSimakade ayemyalile, ngakho-ke uMose wababusisa.


“ ‘Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindaweni enihlala kuzo sokuthi aniyukuwadla amanoni negazi.’ ”


USimakade wathi kuMose: “Khuluma no-Aroni, umfowenu, ukuba angangeni noma nini endaweni engcwele emva kwesihenqo phambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyabonakala efini phezu kwesihlalo somusa.”


UMose wakhuluma nabantu bakwa-Israyeli; bamkhiphela ngaphandle kwenkambu lowo othukileyo, bamkhanda ngamatshe. Abakwa-Israyeli benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite