Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 16:22 - IsiZulu 2020

22 Impongo iyothwala ububi babo bonke, iye nabo kwahlongasibi, ayikhululele ehlane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 impongo ithwale ububi babo bonke, iye nabo kwahlongasibi, bayiyeke impongo ehlane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Impongo iyothwala phezu kwayo bonke ububi babo, iye ezweni elingahlalwa muntu; futhi uyoyikhulula impongo ehlane.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 16:22
13 Referans Kwoze  

owathwala izono zethu emzimbeni wakhe, emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni, siphile ekulungeni. Ngemivimbo yakhe naphiliswa,


kanjalo noKhristu, wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili engenasono, kulabo abamlindele ngokulangazelela, kube ngukusindiswa.


Ngakusasa uJohane wabona uJesu eza kuye, wayesethi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono somhlaba.


UKhristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho ngokwenziwa abe yisiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalengiswa emthini,”


Uyakubuye asihawukele, anyathele iziphambeko zethu, aphonse zonke izono zethu ekujuleni kolwandle.


Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, uzidedise kangako iziphambeko zethu.


Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu.


Akuyukukhunjulwa nasinye kuzo zonke iziphambeko zakhe azenzileyo, kodwa uyakuphila ngenxa yokulunga kwakhe akwenzileyo.


U-Aroni uyobeka izandla zakhe zombili enhloko yempongo ephilayo, avume phezu kwayo bonke ububi babantu bakwa-Israyeli, neziphambeko zabo, nakho konke ukona kwabo, akubeke enhloko yempongo, bese eyihambisa ngesandla somuntu olungiselwe lokho, iye ehlane.


U-Aroni uyakungena ethendeni lokuhlangana, akhumule izembatho zelineni azembatha uma engena endaweni engcwele, azishiye lapho.


“Lala ngohlangothi lwakho lwesokhohlo, ubeke isono sika-Israyeli phezu kwalo; uyakuthwala isono sabo ngazo zonke izinsuku oyobe ulele ngalo.


Uyakulifafaza kasikhombisa kulowo ohlanjululwayo ochokweni, amemezele ukuthi uhlambulukile, bese eyayiyeka inyoni ephilayo, indizele endle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite