Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 16:21 - IsiZulu 2020

21 U-Aroni uyobeka izandla zakhe zombili enhloko yempongo ephilayo, avume phezu kwayo bonke ububi babantu bakwa-Israyeli, neziphambeko zabo, nakho konke ukona kwabo, akubeke enhloko yempongo, bese eyihambisa ngesandla somuntu olungiselwe lokho, iye ehlane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 u-Aroni abeke izandla zakhe zombili enhloko yempongo ezwayo, avume phezu kwayo bonke ububi babantwana bakwa-Israyeli neziphambeko ezonweni zabo zonke, akubeke enhloko yempongo, ayithume ngesandla somuntu olungiselwe lokhu, iye ehlane,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 U-Aroni kumelwe abeke izandla zakhe zombili phezu kwenhloko yempongo ephilayo, avume phezu kwayo zonke izono zabantwana bakwa-Israyeli neziphambeko zabo zonke ezonweni zabo zonke, ayibeke enhloko yempongo, futhi ayimukise idabule isandla somuntu olungile ehlane.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 16:21
16 Referans Kwoze  

Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe. USimakade wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.


Ngiyazazi iziphambeko zami, isono sami siphambi kwami njalo.


Kwathi u-Ezra esakhuleka evuma izono, ekhala, ezilahle phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, isixuku esikhulu sabakwa-Israyeli sabuthana lapho, amadoda, abesifazane, nezingane, bonke babekhala kalusizi.


Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, avume ngomlomo wakhe kube ngukusindiswa.


Ofihla iziphambeko zakhe akayukuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.


Ngase ngisivuma isono sami kuwe, angaze ngasifihla isiphambeko sami. Ngathi: “Ngizozivuma iziphambeko zami kuSimakade,” Yena wangithethelela icala lokona kwami.


“ ‘Bayakubuvuma ububi babo nobubi bokhokho babo okwathi ekungethembekeni kwabo, benza ukungethembeki kimi, baqhubeka bamelena nami.


“Uyoletha inkunzi phambi kwethende lokuhlangana. U-Aroni namadodana akhe bayokubeka izandla zabo ekhanda layo.


“ ‘Kuyothi uma enecala lokunye kwalezi zinto, akuvume lokho akonileyo,


Uyobeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa, uyokwamukelwa ngenxa yakhe, njengomnikelo wokubuyisana.


Uma eseqedile ukwenzela indawo engcwele ukubuyisana, nethende lokuhlangana ne-althare, uyonikela ngempongo ephilayo.


Impongo iyothwala ububi babo bonke, iye nabo kwahlongasibi, ayikhululele ehlane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite