Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 16:15 - IsiZulu 2020

15 Uyohlaba impongo ibe ngumnikelo wesono wabantu, alethe igazi layo ngaphakathi kwesihenqo, enze ngalo njengalokhu enzile ngegazi lenkunzi, alifafaze phezu kwesihlalo somusa naphambi kwaso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Abesehlaba impongo yomnikelo wesono engenxa yabantu, alethe igazi layo ngaphakathi kwesihenqo, enze ngegazi layo njengalokho wenza ngegazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa nangaphambi kwesihlalo somusa,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Khona-ke kumelwe ahlabe imbuzi yomnikelo wesono eqondene nabantu, alethe igazi layo evelini enze kulelo gazi njengoba enzile ngegazi lenkunzi, alifafaze phezu kwesihlalo somusa naphambi kwesihe isihlalo:

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 16:15
15 Referans Kwoze  

Kepha ngumphristi omkhulu kuphela ongena engxenyeni yesibili engcwelengcwele kanye ngonyaka, ephethe igazi lokuzonikelela yena uqobo, nangenxa yezono abantu abazenze ngokungazi nangokungaqondi.


wangena kwaba kanye kuphela endaweni engcwele, hhayi ngegazi lezimbuzi nelamathole, kodwa ngegazi lakhe, esezuzile ukuhlengwa okuphakade.


Emva kwesihenqo sesibili kwakukhona ithabanakeli okuthiwa ngelingcwelengcwele.


Ngakho kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumphristi omkhulu onozwelo nothembekileyo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.


Leli themba sinalo linjengehange lomphefumulo, liqinile, ligxilile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo,


ngenxa yabo, kufanele ukuba njengalokhu enikela imihlatshelo ngenxa yezono zabantu, anikele kanjalo nangezakhe.


USimakade wathi kuMose: “Khuluma no-Aroni, umfowenu, ukuba angangeni noma nini endaweni engcwele emva kwesihenqo phambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyabonakala efini phezu kwesihlalo somusa.”


Akadingi, njengabanye abaphristi abakhulu, ukuba imihla ngemihla anikele ngemihlatshelo ngenxa yezono zakhe kuqala, bese kuba ngenxa yezabantu, ngokuba wakwenza lokho kwaba kanye mhla ezinikela Yena.


Ngokuba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole kufafaza labo abangcolileyo, kuhlambulula kuhlanzeke ngokwenyama,


Uyolikhiphela iduna ngaphandle kwenkambu, alishise njengoba eshise elokuqala; lingumnikelo wesono webandla.


Umphristi ogcotshiweyo uyothatha ingxenye yegazi leduna alilethe ethendeni lokuhlangana.


UMose wenza njengalokhu uSimakade ayemyalile. Wenza kanjalo-ke.


Nempongo iyoba ngumnikelo wesono kuSimakade; kuyonikelwa ngayo nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite