Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 15:5 - IsiZulu 2020

5 Yilowo nalowo oyothinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Yilowo nalowo othinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Noma ubani othinta umbhede wakhe kumelwe ahlanze izingubo zakhe futhi ageze ngamanzi abe ongcolile kuze kuhlwe.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 15:5
31 Referans Kwoze  

Bonke abathwala izilwane ezifile bayakuhlanza izingubo zabo, futhi babe ngabangcolile kuze kuhlwe.


“ ‘Noma ngubani odla ingcuba noma isilwane esidweshulwe yizilo, noma ngabe ungowolibo noma ngumfokazi, uyohlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe, bese eyahlambuluka.


Lowo obehambise impongo ku-Azazeli uyohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba ngamanzi, andukuba angene enkanjini.


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwena owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


Sondelani kuNkulunkulu, naye uyakusondela kini. Hlanzani izandla, nina zoni, nihlambulule izinhliziyo, nina bonhliziyombili.


masisondele ngenhliziyo eqinisileyo nangokwethemba kokukholwa okupheleleyo, zifafaziwe izinhliziyo zethu konembeza ababi, nomzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo.


Kungenjalo wayemelwe ukuhlupheka ngokuphindiweyo selokhu kwasekelwa umhlaba, kepha manje ubonakaliswe kwaba kanye ekupheleleni kwezikhathi, ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe.


kakhulu kangakanani igazi likaKhristu, okwathi ngoMoya ophakade wazinikela kuNkulunkulu engenasici, lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.


Ngiyakunihlenga kukho konke ukungcola kwenu; ngibize okusanhlamvu, ngikwenze kube yinsada, ngingabe ngisayehlisela kini indlala.


Ngiyakunifafaza ngamanzi acwebe cwe, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


USimakade Wamabandla uzambulile ezindlebeni zami, wathi: “Impela lesi siphambeko aniyukuthethelelwa sona nize nife,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


Gezani, nizihlambulule; susani ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami. Yekani ukwenza okubi.


Ngihlanze ngehisophi, ngihlambuluke, ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.


Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.


Ngigeza izandla zami ngingenacala, ukuze ngizungeze i-althare lakho, Simakade,


Konke okuyothintwa ngumuntu ongcolileyo kuyoba ngokungcolile; umuntu oyokuthinta uyoba ngongcolileyo kuze kuhlwe.’ ”


Obutha umlotha wesithole uyakuhlanza izingubo zakhe, abe ngongcolileyo kuze kube kusihlwa. Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kubantu bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobele phakathi kwabo.


Okushisayo uyohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba ngamanzi, andukuba angene enkanjini.


achinse kasikhombisa ngomunwe wakhe wesokunene phambi kukaSimakade amanye amafutha asesandleni sakhe sokhohlo.


Ngosuku lwesikhombisa uyomhlola onomuna. Uma umuna ungandanga esikhumbeni, futhi ubonakala ungashonile kunesikhumba, umphristi uyakumemezela ukuthi uhlambulukile. Uyohlanza izingubo zakhe, ahlambuluke.


Ngosuku lwesikhombisa uyakumhlola okwesibili, uma ibala lifiphele, nesifo singaqhubekanga, uyakumemezela ukuthi uhlambulukile, bekulutwayi, ageze izingubo zakhe, abe ngohlambulukile.


Konke esiyowela phezu kwakho sesifile kuyakuba ngokungcolileyo, noma ngumuthi, noma yingubo, noma yisikhumba, noma yisaka, noma ngabe yini nje okusetshenzwa ngayo; kuyakufakwa emanzini, kube ngokungcolile kuze kuhlwe; khona kuyakuhlanzeka.


Othwala isidumbu saso uyohlanza izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; zingcolile kini.


USimakade wathi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izembatho zabo,


“ ‘Yonke imibhede elala omfimfayo iyakuba ngengcolile; nakho konke ahlala kukho kuyakuba ngokungcolile.


Oyohlala entweni ekade kuhleli kuyo omfimfayo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.


Ngalolo lusuku uSawule akashongo lutho, ngokuba wacabanga, wathi: “Hleze kukhona okuthile okumehlele; akahlambulukile, impela akahlambulukile.”


“ ‘Niyakungcoliswa yizo, kuthi bonke abathinta izidumbu zazo babe ngabangcolile kuze kuhlwe.


Uma owesilisa elale nowesifazane wamthela ngesidoda, bobabili bayakugeza ngamanzi, babe ngabangcolileyo kuze kuhlwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite