Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 15:13 - IsiZulu 2020

13 “ ‘Uma omfimfayo ehlambulukile ekumfimfeni kwakhe, uyakuzibalela izinsuku eziyisikhombisa zokuhlanjululwa kwakhe, uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi agelezayo, ahlambuluke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “ ‘Nxa ocucuzayo ehlambulukile ekucucuzeni kwakhe, uyakuzibalela izinsuku eziyisikhombisa zokuhlanjululwa kwakhe, ahlanze izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi agobhozayo, ahlambuluke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Nxa ocucuzayo esehlambulukile ekucucuzeni kwakhe; khona-ke kumelwe azibalele izinsuku eziyisikhombisa zokuhlanjululwa kwakhe, futhi kumelwe ahlanze izingubo zakhe futhi ageze umzimba wakhe ngamanzi agobhozayo, futhi uyohlambuluka.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 15:13
16 Referans Kwoze  

“Ohlanjululwayo uyohlanza izingubo zakhe, aphuce zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke. Emveni kwalokho uyakungena enkanjini, kodwa uyohlala ngaphandle kwethende lakhe izinsuku eziyisikhombisa.


Aniyukuphuma emnyango wethende lokuhlangana kuze kuphele izinsuku eziyisikhombisa, ngokuba ukubekwa kuyizinsuku eziyisikhombisa.


“ ‘Uma ehlambulukile ekumfimfeni kwakhe, uyakuzibalela izinsuku eziyisikhombisa, emveni kwalokho uyobe esehlambulukile.


Yilowo nalowo oyothinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.


nakuJesu Khristu, ufakazi othembekileyo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe,


Sondelani kuNkulunkulu, naye uyakusondela kini. Hlanzani izandla, nina zoni, nihlambulule izinhliziyo, nina bonhliziyombili.


Bathandekayo, lokhu sinalezo zithembiso, masizihlambulule kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.


Ngiyakubahlambulula kubo bonke ububi babo abone ngabo kimi, ngizithethelele zonke izono zabo abazenzileyo nabaphambuke ngazo kimi.


USimakade wathi kuMose: “Uma uyise ebemkhafulele ngamathe ebusweni, ubengelithwale yini ihlazo lakhe izinsuku eziyisikhombisa na? Makavalelwe ngaphandle kwenkambu izinsuku eziyisikhombisa; emveni kwalokho uyakubuye angeniswe.”


“Ngosuku lwesishiyagalombili uyothatha izimvu ezimbili ezingenasici ezingamaduna, nemvu yensikazi engenasici enonyaka, nokuthathu eshumini kwempuphu ecolisekileyo exutshwe namafutha, nengxenye yelitha lamafutha.


Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili, uMose wabiza u-Aroni namadodana akhe namalunga akwa-Israyeli.


I-althare uyolenzela ukubuyisana izinsuku eziyisikhombisa, ulingcwelise, libe ngcwele kakhulu, ukuze kuthi konke okulithintayo nakho kube ngcwele.”


“Uyokwenza kanjalo ku-Aroni nakumadodana akhe, njengalokhu ngikuyalile; ukubehlukanisa kuyothatha izinsuku eziyisikhombisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite