Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 14:8 - IsiZulu 2020

8 “Ohlanjululwayo uyohlanza izingubo zakhe, aphuce zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke. Emveni kwalokho uyakungena enkanjini, kodwa uyohlala ngaphandle kwethende lakhe izinsuku eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Oyakuhlanjululwa makahlanze izingubo zakhe, aphucule zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke; emva kwalokho uyakungena ekamu,* kepha ahlale ngaphandle kwetende lakhe izinsuku eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Lowo oyakuhlanjululwa kumelwe ahlanze izingubo zakhe, aphuce zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi, ukuze ahlambuluke; emva kwalokho uyakungena ekamu, ahlale kasikhombisa etendeni lakhe izinsuku.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 14:8
19 Referans Kwoze  

Bonke abathwala izilwane ezifile bayakuhlanza izingubo zabo, futhi babe ngabangcolile kuze kuhlwe.


Lawo manzi angumfanekiso wombhabhadiso enisindiswa ngawo manje, okungesikho ukukhuculula insila emzimbeni, kodwa isithembiso kuNkulunkulu esivela kunembeza omsulwa, ngokuvuka kukaJesu Khristu,


Uyakubahlambulula kanje: bafafaze ngamanzi okuhlambulula, ubenze baphuce zonke iziboya ezisemizimbeni yabo, bahlanze izingubo zabo; bazihlambulule.


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwena owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


U-Uziya, inkosi, waba nochoko waze waficwa lusuku lokufa kwakhe. Wayehlala endlini eyehlukanisiwe kwezinye, ngokuba enochoko. Wanqatshelwa ukuba angene endlini kaSimakade, ngokuba wayenochoko. UJothamu, indodana yakhe, wengamela indlu yenkosi, futhi wehlulela abantu bezwe.


Umphristi uyonikela ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wokusanhlamvu e-althare; amenzele ukubuyisana, ahlambuluke.


Ngosuku lwesikhombisa uyakuphuca zonke izinwele ekhanda lakhe, nasesilevini, nasemashiyeni; yebo, uyakuziphuca zonke izinwele zakhe. Uyohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba ngamanzi, ahlambuluke.


UMose waletha u-Aroni namadodana akhe, wabageza ngamanzi.


UMose wehla entabeni, waya kubantu. Wabangcwelisa abantu base behlanza izingubo zabo.


USimakade wathi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izembatho zabo,


“ ‘Uma omfimfayo ehlambulukile ekumfimfeni kwakhe, uyakuzibalela izinsuku eziyisikhombisa zokuhlanjululwa kwakhe, uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi agelezayo, ahlambuluke.


“ ‘Uma umuntu efa ngokuzuma eceleni kwakhe, angcolise ikhanda lobunaziri bakhe, uyakuphuca ikhanda lakhe ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe, aliphuce ngosuku lwesikhombisa.


uyomyisa ekhaya lakho; uyakuphuca ikhanda lakhe, anqume izinzipho zakhe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite