Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 14:7 - IsiZulu 2020

7 Uyakulifafaza kasikhombisa kulowo ohlanjululwayo ochokweni, amemezele ukuthi uhlambulukile, bese eyayiyeka inyoni ephilayo, indizele endle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 amfafaze kasikhombisa oyakuhlanjululwa ochokweni lwakhe, asho athi uhlambulukile, ayiyeke inyoni ezwayo, iphumele endle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kumelwe afafaze phezu kwakhe lokho okufanele ahlanzwe ochokweni kasikhombisa, athi uhlanzekile, ayikhulule inyoni ephilayo iye endle.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 14:7
29 Referans Kwoze  

Ngiyakunifafaza ngamanzi acwebe cwe, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


kanjalo iyokwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayovala imilomo ngenxa yayo, ngokuba ayobona lokho angazange akutshelwe, nalokho angakaze akuzwe, ayokuqonda.


Wayesehla, wazicwilisa kasikhombisa eJordani njengokusho komuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yaba njengenyama yomntwana omncane, wahlambuluka.


U-Elisha wathumela isithunywa kuye, wathi: “Hamba ugeze kasikhombisa eJordani; inyama yakho izobuyela esimweni sayo, uhlambuluke.”


abakhethiweyo, ngokwazi phambilini kukaNkulunkulu uYise, ngokungcwelisa kukaMoya ukuze balalele futhi bafafazwe ngegazi likaJesu Khristu. Sengathi umusa nokuthula kungandiswa kini.


Ngokuba isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wathatha igazi lamathole, elezimbuzi, amanzi, uboya obubomvu nehisophi, wafafaza incwadi nabantu bonke,


Ngokuba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole kufafaza labo abangcolileyo, kuhlambulula kuhlanzeke ngokwenyama,


UJesu weza ngamanzi wabhabhadiswa, akubanga ngamanzi qha, kodwa kwaba nangegazi lakhe, lokhu noMoya oNgcwele uyafakaza ngalokho, ngokuba unguMoya weqiniso.


nakuJesu, umxhumanisi wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.


masisondele ngenhliziyo eqinisileyo nangokwethemba kokukholwa okupheleleyo, zifafaziwe izinhliziyo zethu konembeza ababi, nomzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo.


Kungenjalo wayemelwe ukuhlupheka ngokuphindiweyo selokhu kwasekelwa umhlaba, kepha manje ubonakaliswe kwaba kanye ekupheleleni kwezikhathi, ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe.


Kanjalo wafafaza ithabanakeli nazo zonke izitsha zenkonzo ngegazi.


Kepha elinye lamabutho lamgwaza ngomkhonto ohlangothini, kwaphuma igazi namanzi ngokushesha.


Uyakubuye asihawukele, anyathele iziphambeko zethu, aphonse zonke izono zethu ekujuleni kolwandle.


“Amasonto angama-70 anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiphrofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.


Ngihlanze ngehisophi, ngihlambuluke, ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.


Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.


Impongo iyothwala ububi babo bonke, iye nabo kwahlongasibi, ayikhululele ehlane.


Uyolichinsa ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe, alihlambulule, alingcwelise ekungcoleni kwabantu bakwa-Israyeli.


Uyothatha ingxenye yegazi lenkunzi achinse ngomunwe wakhe phambi kwesihlalo somusa ngasempumalanga, uyolichinsa ngomunwe wakhe kasikhombisa phambi kwesihlalo somusa.


Uyothatha umsedari, ihisopi, indwangu ebomvu nenyoni ephilayo, akucwilise egazini lenyoni ehlatshiweyo nasemanzini agelezayo, ayifafaze indlu kasikhombisa.


umphristi uyakumhlola, uma ibala seliphenduke laba mhlophe, umphristi uyakumemezela ukuthi uhlambulukile; obenesifo uhlambulukile.


umphristi uyakumhlola, kuthi uma isifo sesiwemboze wonke umzimba, uyakusho athi onesifo uhlambulukile; konke kuphendukile kwaba mhlophe: uhlambulukile.


Wafafaza ngamanye i-althare kasikhombisa, waligcoba i-althare nazo zonke izitsha zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe.


Umphristi uyogcobhoza umunwe wakhe egazini, afafaze i-althare kasikhombisa phambi kukaSimakade naphambi kwesihenqo.


Umphristi uyogcobhoza umunwe wakhe egazini, achinse ingxenye yalo kasikhombisa phambi kukaSimakade phambi kwesihenqo sendlu engcwele.


Uyozihlambulula ngamanzi ngosuku lwesithathu, ngosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka. Kodwa uma engazihlambululanga ngawo ngosuku lwesithathu, akayukuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite