Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 14:3 - IsiZulu 2020

3 umphristi uyophumela ngaphandle kwenkambu. Bheka, uyakumhlolisisa khona ukuthi isifo sochoko sesiphelile yini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 umpristi aphume ekamu,* umpristi abheke; uma isifo sochoko sipholile konochoko,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Umpristi kumelwe aphume ekamu; umpristi abheke, abone ukuthi isifo sochoko sesiphilisiwe onochoko;

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 14:3
14 Referans Kwoze  

Ungcolile ngaso sonke isikhathi. Uyohlala yedwa endlini yakhe engaphandle kwenkambu.


UJesu waphendula, wathi kuwo: “Hambani nilandise uJohane ngalokho enikubonileyo nenikuzwileyo, nithi: izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli.


Kwakukhona abaningi ababenochoko kwa-Israyeli ngesikhathi sika-Elisha, umphrofethi, kodwa akukho namunye kubo owahlanjululwa, kuphela uNayimani, umSiriya.”


Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bashunyayezwa ivangeli.


Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amadimoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.


Ngokuba uyalimaza, abuye abophe, uyashaya, kodwa izandla zakhe zibuye ziphilise.


Wayesehla, wazicwilisa kasikhombisa eJordani njengokusho komuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yaba njengenyama yomntwana omncane, wahlambuluka.


Yathi enkosikazini yayo: “Sengathi inkosi yami ingaya phambi komphrofethi oseSamariya, khona eyakuyiphilisa ochokweni lwayo.”


Wathi: “Uma nililalela ngokucophelela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, nenze okulungileyo emehlweni akhe, nigcine imiyalo yakhe, nigcine zonke izimiso zakhe, angiyukunehlisela zonke izifo engazehlisela abaseGibhithe, ngokuba nginguSimakade oniphilisayo.”


“Uma umuntu emilwa iguludla esikhumbeni noma siba notwayi, noma yibala elikhanyayo bese liphenduka libe wuchoko, lowo muntu uyakulethwa ku-Aroni, umphristi, noma kwenye yamadodana akhe, angabaphristi.


“Uma umphristi efika ukuzoyihlola, athole ukuthi isifo asandile endlini emveni kokugudulwa kwayo, umphristi uyakumemezela ukuthi indlu ihlambulukile, ngokuba isifo siphelile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite