Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 14:21 - IsiZulu 2020

21 “Uma empofu, engenakuphumelela kulokho, uyothatha imvu eyodwa eyiduna ibe ngumnikelo wecala, uzungeziswe ukumenzela ukubuyisana, nokukodwa eshumini kwempuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wokusanhlamvu, nengxenye yelogi lamafutha,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 “Uma empofu, engenakuphumelela kulokho, wothabatha imvu yeduna ibe ngumnikelo wecala, uzuliswe ukumenzela ukubuyisana, nokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu, nelogi* lamafutha,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Futhi uma empofu futhi engakwazi ukuthola okungako; khona-ke kumelwe athathe iwundlu elilodwa libe ngumnikelo wecala ukuze amenzele ukubuyisana, nokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe namafutha njengomnikelo womlilo, nelogi lamafutha;

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 14:21
17 Referans Kwoze  

“ ‘Uma engenamandla okukhipha imvu, uyoletha kuSimakade amahobhe amabili ngenxa yesono asenzileyo, noma amaphuphu amabili amajuba; elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa.


“ ‘Uma engenamandla okuthola imvu, uyothatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye liyoba ngumnikelo wokushiswa, elinye libe ngumnikelo wesono, umphristi uyomenzela ukubuyisana; ahlambuluke.’ ”


Odelela ompofu usola uMenzi wakhe, nothokoza ngengozi akayukuyekwa angajeziswa.


Uma kukhona ukulangazela, nesipho siyemukeleka njengalokhu umuntu ethanda, kungayi ngalokho angenakho.


Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu uKhristu ukuthi, ngenxa yenu waba mpofu nakuba ayecebile, ukuze ngobuphofu bakhe nina nicebe.


UJesu, ewaphakamisela amehlo ngakubafundi, wathi: “Nibusisiwe nina enimpofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu.


Abacebile nabampofu bayefana; bonke benziwe nguSimakade.


ongakhethi buso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.


Uyamvusa ompofu othulini, uyayiphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izisekelo zomhlaba zingezikaSimakade; ubekile izwe phezu kwazo.


namahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, ngokwamandla akhe. Elinye liyoba ngumnikelo wesono. Elinye libe ngumnikelo wokushiswa.


“ ‘Kepha uma engenamandla okuletha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, maqondana nesono sakhe, uyoletha okweshumi kwe-efa lempuphu ecolisekileyo, kube ngumnikelo wesono, akayukuthela mafutha phezu kwalo, futhi akayukubeka nhlaka phezu kwalo, ngokuba lingumnikelo wesono.


“ ‘Uma umnikelo wakhe kuSimakade kungowezinyoni, uyakukhetha umnikelo wakhe phakathi kwamahobhe noma amaphuphu amajuba.


“Ngosuku lwesishiyagalombili uyothatha izimvu ezimbili ezingenasici ezingamaduna, nemvu yensikazi engenasici enonyaka, nokuthathu eshumini kwempuphu ecolisekileyo exutshwe namafutha, nengxenye yelitha lamafutha.


Kepha uma owethembisayo empofu, uyoyiswa kumphristi, umphristi uyomlinganisela ngokwamandla akhe lowo owenze isithembiso.


Isikhulu siyakuletha umnikelo wokusanhlamvu: i-efa ngenkunzi ne-efa ngenqama; ngamawundlu, kube ngangamandla aso, bese kuba yihini lamafutha nge-efa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite