Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 14:10 - IsiZulu 2020

10 “Ngosuku lwesishiyagalombili uyothatha izimvu ezimbili ezingenasici ezingamaduna, nemvu yensikazi engenasici enonyaka, nokuthathu eshumini kwempuphu ecolisekileyo exutshwe namafutha, nengxenye yelitha lamafutha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Ngosuku lwesishiyagalombili wothatha izimvu zamaduna ezimbili ezingenasici, nexhukazi elinomnyaka munye elingenasici, nokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo, kube ngumnikelo wempuphu, kuxovwe namafutha nelogi* lamafutha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngosuku lwesishiyagalombili uyakunikela ngezimvu ezimbili zamawundlu ezingenasici nemvukazi enomnyaka munye engenasici, nokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu, exovwe namafutha, nelogi yamafutha.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 14:10
26 Referans Kwoze  

“ ‘Noma ngubani oletha umnikelo wokusanhlamvu kuSimakade, umnikelo kufanele ube ngowempuphu ecolisekileyo, athele amafutha kuwo, abeke nenhlaka kuwo.


Wayiyala ukuba ingatsheli muntu, kepha wathi: “Hamba, uzibonakalise kumphristi, unikele umnikelo wokuhlanjululwa kwakho njengalokhu uMose wayala, kube ngubufakazi kubo.”


wathi kuye: “Uyabona-ke, ungathi vu kumuntu, kodwa hamba uzibonakalise kumphristi, unikele ngenxa yokuhlanjululwa kwakho, njengalokhu kwayala uMose, kube ngubufakazi kubo.”


UJesu wayesethi kuye: “Qaphela, ungatsheli muntu, kepha hamba uyozibonakalisa kumphristi, unikele ngomnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”


“Uma empofu, engenakuphumelela kulokho, uyothatha imvu eyodwa eyiduna ibe ngumnikelo wecala, uzungeziswe ukumenzela ukubuyisana, nokukodwa eshumini kwempuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wokusanhlamvu, nengxenye yelogi lamafutha,


Umphristi uyothatha amanye amafutha kulo ilogi, awathele entendeni yesandla sakhe sokhohlo;


Umphristi uyothatha imvu yeduna, anikele ngayo ibe ngumnikelo wecala, nengxenye yelogi lamafutha, akuzungezise kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade.


kodwa nahlengwa ngegazi likaKhristu elinqabileyo, kungathi elewundlu elingenacala nasici.


Mina ngiyisinkwa sokuphila esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila ingunaphakade. Phezu kwalokho, isinkwa engisinikelayo ngenxa yokuphila kwezwe, singumzimba wami.”


Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu siyilowo owehla evela ezulwini, oliphayo izwe ukuphila.”


Ngakusasa uJohane wabona uJesu eza kuye, wayesethi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono somhlaba.


Niyonikela ngomnikelo wazo wokusanhlamvu, impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, niyonikela ngokweshumi okuthathu ngenkunzi nangokweshumi okubili ngenqama.


anikele ngomnikelo wakhe kuSimakade, imvu yeduna enonyaka engenasici, ibe ngumnikelo wokushiswa. Anikele nangensikazi engenasici enonyaka, ibe ngumnikelo wesono, inqama engenasici ibe ngumnikelo wokuthula,


Umnikelo wokusanhlamvu uyoba ngokubili eshumini kwempuphu ecolisekileyo, exutshwe namafutha, umnikelo womlilo kuSimakade, ube yiphunga elimnandi, nomnikelo wokuphuzwayo uyoba ngokwesine kwehini lewayini.


Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili, uMose wabiza u-Aroni namadodana akhe namalunga akwa-Israyeli.


“ ‘Uma elethe iwundlu laba ngumnikelo wakhe wesono, uyoletha insikazi engenasici.


Yonke iminikelo yakho yokusanhlamvu uboyiyolisa ngosawoti; ungawushiyi usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho eminikelweni yakho yokusanhlamvu; yonke iminikelo yakho iyoba nosawoti.


“ ‘Umnikelo wokusanhlamvu eninikela ngawo kuSimakade awuyukwenziwa ngokunemvubelo, ngokuba aniyukushisa imvubelo noju kube ngumnikelo womlilo kuSimakade.


“ ‘Uma umnikelo wakhe ewuthathe emhlanjini wezimvu noma wezimbuzi, ukuba ube ngumnikelo wokushiswa, makanikele ngeduna elingenasici.


Iwundlu lokuqala uyolinikela nokweshumi kwempuphu ecolisekileyo, ihlanganiswe nokwesine eshumini kwehini lamafutha agxotshiweyo, nokwesine eshumini kwehini lewayini, kube ngumnikelo wokuphuzwayo.


Umphristi ohlambululayo uyobeka umuntu ozohlanjululwa nalezo zinto phambi kukaSimakade ngasemnyango wethende lokuhlangana.


Wanikela ngesitsha sesiliva isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu,


“ ‘Uma umnikelo kungumnikelo wokushiswa othathwe ezinkomeni, uyonikela ngeduna elingenasici, uyoliletha emnyango wethende lokuhlangana ukuze emukeleke phambi kukaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite