Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 13:3 - IsiZulu 2020

3 Umphristi uyosihlola isifo esisesikhumbeni sakhe; uma uboya obusebaleni sebuphenduke baba mhlophe, nesifo sibonakala ukuthi sijulile esikhumbeni sakhe, kuyisifo esinzima, umphristi uyakukubona lokho bese ememezela ukuthi ungcolile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 umpristi abheke isifo esisesikhumbeni senyama; uma uboya obusebaleni buphendukile baba mhlophe, nanxa ibala libonakala lishonile kunesikhumba senyama yakhe, kuyisifo sochoko; umpristi uyakumbheka, asho athi ungcolile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Umpristi kumelwe abheke isifo esikhumbeni senyama; uma uboya esibethweni buphendukile baba mhlophe, futhi isifo sibonakala sishonile kunesikhumba senyama yakhe, kuyisifo sochoko; umpristi ambheke, athi ungcolile.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 13:3
29 Referans Kwoze  

Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe.


Khumbulani ababenihola, bekhuluma izwi likaNkulunkulu; nazi umphumela wokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakudlebeleka ebubini, badukise, njengokuba bedukisiwe.


kulabo kukhona uHimenewu no-Aleksandru, engibanikele kuSathane, ukuze bayalwe ukuba bangahlambalazi.


Pho sizakuthini na? Ngabe umthetho uyisono na? Qha nakanye, kepha ngabe angisazanga isono ukuba kwakungekho umthetho, ngokuba ngangingekwazi nokufisa ukuba umthetho awushongo ukuthi: “Ungafisi.”


Ziqapheleni nina nawo wonke umhlambi uMoya oNgcwele anibeke kuwo ukuba nibe ngabaphathi abelusa ibandla likaNkulunkulu azithengela lona ngegazi lakhe.


Enibathethelela izono zabo, bathethelelwe; neningabathetheleli, abathethelelwe.”


Ngiyakukunika izihluthulelo zombuso wezulu. Oyakukubopha emhlabeni, kuyakube kuboshiwe nasezulwini; nalokho oyakukukhulula emhlabeni kuyakube kukhululiwe nasezulwini.”


Phela izindebe zomphristi kufanele zilondoloze ulwazi; abantu kumele bafune imfundiso emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaSimakade Wamabandla.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ake ubuze abaphristi ngomthetho, uthi:


Abafokazi badle amandla akhe, kodwa yena akazi; izinwele zakhe seziyaqhakaza, kepha yena akazi.


Bayakubafundisa abantu bami ukwehlukanisa okungcwele nokuyichilo, benze umehluko phakathi kokungcolileyo nokuhlanzekileyo.


“ ‘ “Maye, ubuthakathaka benhliziyo yakho, ngokuba wenza konke lokhu okwenziwe yisifebe esingakwazi ukuzithiba!” kusho iNkosi uSimakade.


“Uma umuntu emilwa iguludla esikhumbeni noma siba notwayi, noma yibala elikhanyayo bese liphenduka libe wuchoko, lowo muntu uyakulethwa ku-Aroni, umphristi, noma kwenye yamadodana akhe, angabaphristi.


Niyakwehlukanisa phakathi kokungcwele nokungengcwele, okungcolileyo nokuhlanzekileyo,


Wasuka eningizimu wahamba ephumula waze wayofika eBhethele, endaweni ephakathi kweBhethele ne-Ayi, lapho wayekade egobe khona amadlangala phambilini,


Uma ibala elikhanyayo limhlophe esikhumbeni senyama yakhe, futhi libonakala lijulile esikhumbeni, noboya obukulo sebuphenduke baba mhlophe, umphristi uyakumvalela onesifo izinsuku eziyisikhombisa.


“ ‘Othinta ukungcola komuntu, noma ngokwaluphi uhlobo, engabonanga, lapho esazi uyoba necala.


Umphristi uyakumbheka; uma ebona ukuthi utwayi lwandile esikhumbeni, uyakumemezela ukuthi ungcolile; kusho ukuthi unesifo sesikhumba esithathelanwayo.


umphristi uyakumbheka, uma ebona ukuthi lapho isikhumba sivuvukele khona sekumhlophe, noboya sebuphenduke baba mhlophe nokuthi kukhona inyama ebomvu ekuvuvukeni;


umphristi uyakulihlola, uma libonakala lishonile kunesikhumba, futhi noboya sebuphenduke baba mhlophe, umphristi uyakumemezela ukuthi ungcolile: yisifo esithathelanwayo, sivele ethumbeni.


Uyohlola ukuthi isifo sikhona yini, uma isifo sisezindongeni zendlu, kukhona amabala aluhlazana noma abomvana, nokubonakala kwawo kujulile kunodonga,


Lena yindlela yomthetho eyolandelwa ngesifo sochoko esiyizinhlobonhlobo nangomuna:


olweguludla, olotwayi, nolwebala elikhanyayo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite