Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 13:25 - IsiZulu 2020

25 umphristi uyakulihlola, uma uboya obusebaleni elikhanyayo sebuphendukile baba mhlophe, selibonakala ukuthi lishonile kunesikhumba, isifo esithathelanwayo; sivele esibazini; umphristi uyakumemezela ukuthi ungcolile; yisifo esithathelanwayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 umpristi makalibheke; uma uboya obusebaleni elikhanyayo buphendukile baba mhlophe, libonakala lishonile kunesikhumba, bheka, kuluchoko; luqhamukile esibazini; khona umpristi uyakusho athi ungcolile; kuyisifo sochoko.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Khona-ke umpristi kumelwe alibheke, futhi uma uboya ebaleni elikhanyayo liphendukile laba mhlophe futhi libonakala lishonile kunesikhumba; kuluchoko oluphuma emlilweni; ngakho-ke umpristi kumelwe athi ungcolile; kuyisifo sochoko.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 13:25
7 Referans Kwoze  

Uma ibala elikhanyayo limhlophe esikhumbeni senyama yakhe, futhi libonakala lijulile esikhumbeni, noboya obukulo sebuphenduke baba mhlophe, umphristi uyakumvalela onesifo izinsuku eziyisikhombisa.


USimakade wabuye wathi kuye: “Faka isandla esifubeni sakho.” Wasifaka. Lapho esikhipha, mameshane, isandla sakhe sabe sesinochoko, simhlophe njengeqhwa.


“Uma umzimba unesibazi sokusha, inyama lapho kushe khona ibe yibala elibomvu ngokumhlophe noma elimhlophe,


Kepha uma umphristi elihlola, ebona kungekho boya obumhlophe ebaleni elikhanyayo, lingashonile kunesikhumba, kodwa lifiphele, umphristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa.


Ifu laphakama phezu kwethende. Bheka, uMiriyamu wayesenochoko, emhlophe njengeqhwa. U-Aroni waphendukela ngakuMiriyamu, wabona ukuthi usenochoko.


Uchoko lukaNahamani luyakunamathela kuwe nasozalweni lwakho kuze kube phakade.” Wayesephuma phambi kwakhe enochoko, esemhlophe njengeqhwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite