Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 12:7 - IsiZulu 2020

7 Umphristi uyokunikela phambi kukaSimakade, amenzele ukubuyisana, ukuze ahlambuluke ekopheni kwakhe. Yilowo umthetho wozele umfana noma intombazane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 yena anikele ngakho phambi kukaJehova, amenzele ukubuyisana, aze ahlambuluke emthonjeni wegazi lakhe. Yilowo umthetho wozalayo umfana noma intombazana.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Oyakuyiletha phambi kukaJehova, amenzele ukubuyisana; uyakuhlanjululwa ekopheni kwegazi lakhe. Lona ngumthetho wozala owesilisa noma owesifazane.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 12:7
16 Referans Kwoze  

Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.


Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngenxa yomfazi okholwayo, nomfazi ongakholwa ungcwelisiwe ngenxa yendoda, kungenjalo izingane zenu zingcolile, kodwa kalokhu zingcwele.


ngenxa yokubekezela kukaNkulunkulu, ukuba kubonakaliswe ukulunga kwakhe esikhathini samanje, ukuze Yena abe ngolungileyo, abe ngumlungisisi walowo okholwa nguJesu.


Ngokuba bonke bonile, basilalelwe yinkazimulo kaNkulunkulu.


Ngubani ongaveza okuhlanzekile kokungcolile na? Akekho noyedwa.


Kwakuthi lapho sezedlule izinsuku zedili, uJobe athumele awangcwelise. Wayevuka ekuseni, anikele ngeminikelo yokushiswa ngokwenani lawo, ethi: “Hleze izingane zami zonile, zamqalekisa uNkulunkulu ezinhliziyweni zazo.” Wenza kanjalo uJobe zonke izinsuku.


Wonke amanoni ayo uyowasusa ngendlela okususwe ngayo amanoni emnikelweni wewundlu elinikelelwe ukuthula, umphristi awashise kube nentuthu e-althare, phezu kweminikelo yokushiswa kaSimakade, amenzele ukubuyisana ngesono sakhe asenzile, athethelelwe.


Uyowasusa wonke amanoni ayo ngendlela okususwe ngayo amanoni emnikelweni wokuthula, umphristi ayishise kube nentuthu e-althare, kube yiphunga elimnandi kuSimakade, umphristi amenzele ukubuyisana, athethelelwe.


Wonke amanoni aso uyowashisa kube nentuthu e-althare njengamanoni omhlatshelo wokuthula, umphristi amenzele ukubuyisana, athethelelwe.


Uyokwenza ngaleli duna njengoba kwenziwe eduneni lomnikelo wesono; nakuleli uyokwenza kanjalo. Umphristi uyakubenzela ukubuyisana, bathethelelwe.


Uyobeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa, uyokwamukelwa ngenxa yakhe, njengomnikelo wokubuyisana.


“ ‘Lapho seziphelile izinsuku zokuhlanjululwa kwakhe emveni kokubeletha umfana noma intombazane, uyoletha iwundlu leduna elinonyaka, libe ngumnikelo wokushiswa, nephuphu lejuba noma ihobhe, libe ngumnikelo wesono. Lokhu uyokuletha kumphristi ngasemnyango wethende lokuhlangana.


“ ‘Uma engenamandla okuthola imvu, uyothatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye liyoba ngumnikelo wokushiswa, elinye libe ngumnikelo wesono, umphristi uyomenzela ukubuyisana; ahlambuluke.’ ”


Umphristi uyakunikela ngawo, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa; uyakumenzela ukubuyisana phambi kukaSimakade ngenxa yokumfimfa kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite