Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 12:3 - IsiZulu 2020

3 Ngosuku lwesishiyagalombili umfana uyosokwa ijwabu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngosuku lwesishiyagalombili inyama yejwabu lakhe iyakusokwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngosuku lwesishiyagalombili inyama yejwabu lakhe kumelwe isokwe.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 12:3
15 Referans Kwoze  

Kwathi seziphelile izinsuku eziyisishiyagalombili, umntwana wasokwa, wayeseqanjwa igama kwathiwa nguJesu, igama elalishiwo yingelosi unina engakakhulelwa.


Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukuzosoka umntwana, bamqamba ngegama likayise uZakhariya.


enasokelwa kuye, hhayi ngokusoka okwenziwa ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, kodwa ngokusoka kukaKhristu;


Ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwana sakwaBhenjamini, umHebheru wamaHebheru, ngokomthetho ngingumFarisi.


Ngiyaphinda ngiyafakaza kubantu bonke ukuthi osokayo uphoqelekile ukuba awufeze wonke umthetho.


Yilokhu engikushoyo ukuthi isivumelwano esaqiniswa phambilini nguNkulunkulu, akukho mthetho obekwe emva kweminyaka engama-430 ongasesula noma usiqede, sona kanye nesithembiso.


Kepha siyazi ukuthi lokho okushiwo ngumthetho ukukhuluma kulabo abaphansi komthetho ukuze yonke imilomo ithuliswe, umhlaba wonke ubhekane necala kuNkulunkulu.


USimakade uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yozalo lwakho, ukuze umthande uSimakade uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangawo wonke umphefumulo wakho, ukuze uphile.


Kwehla abathile bevela eJudiya, bafundisa abazalwane ukuthi: “Uma ningasokwa ngomthetho kaMose, ningesindiswe.”


Uyokwenza okufanayo ngamazibulo ezinkomo zakho, nawezimvu zakho. Uyakuwavumela abe nonina izinsuku eziyisikhombisa, bese kuthi ngosuku lwesishiyagalombili uwanikele kimi.


Unina uyohlala izinsuku ezingama-33 ukuze ahlanjululwe ekopheni kwakhe. Akayukuthinta lutho olungcwele, noma angene endlini engcwele, zize ziphelele izinsuku zokuhlambuluka kwakhe.


Lokho kungcola kudalwa ngukumfimfa kwakhe: noma ngabe umzimba wakhe umfimfa, noma sekunqamukile ukumfimfa, kuyakuba ngukungcola kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite