Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 11:8 - IsiZulu 2020

8 Aniyukuyidla inyama yazo, futhi aniyukuzithinta izidumbu zazo; zingcolile kini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ningadli inyama yazo, ningathinti izidumbu zazo; zingcolile kini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Aniyikudla inyama yazo, ningathinti isidumbu sazo; zingcolile kini.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 11:8
22 Referans Kwoze  

Kepha iqondene nokudla, ukuphuza, nokugeza okunhlobonhlobo okuyizimiso zabantu, kuze kulethwe isikhathi senqubo entsha.


Ngakho-ke makungabi bikho muntu onehlulela ngokudla, nangokuphuzwayo, noma ngemikhosi, noma ngokwethwasa kwenyanga noma ngamasabatha,


Abayukuhlala ezweni likaSimakade, u-Efrayimi uyakubuyela eGibhithe, badle ukudla okungcolileyo e-Asiriya.


Hambani, hambani, phumani lapho! Ningathinti lutho olungcolileyo, phumani phakathi kwalo, zihlambululeni, nina eniphatha izitsha zikaSimakade.


Noma ngubani othinta noma yini engcolileyo, kungaba yisidumbu sesilwane esingcolileyo, noma yisidumbu semfuyo engcolileyo, noma yisidumbu sesilwane esinwabuzelayo esingcolileyo, engasibonanga, nokho uyoba ngongcolileyo, abe necala.


Ningahlanganyeli emisebenzini yobumnyama engenazithelo, kodwa kunalokho niyidalule,


Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo.


Ngakho-ke: “Phumani phakathi kwabo, nehlukane nabo,” kusho iNkosi. “Ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,


Ukudla akusisondezi kuNkulunkulu, ngokuba uma singadli, asilahlekelwa yilutho, noma sidla, asizuzi lutho.


Kuhle ukungayidli inyama nokungaliphuzi iwayini noma yikuphi okunye okwenza umzalwane wakho akhubeke.


ukuba niyeke okuhlatshelwe izithombe, okunegazi, nenyama yesilwane esiklinyiweyo, nobufebe; uma nizithiba kulokho niyokuba nenza kahle. Salani kahle.”


Wathi kubo: “Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane noma ahambelane nowesinye isizwe, kodwa uNkulunkulu ungitshengisile ukuba ngingasho nakoyedwa ngithi unechilo noma ungcolile.


Wayesethi kubo: “Kanti nani aninakuqonda na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle uma kungena kumuntu akunakumngcolisa na?


Akukho lutho olungaphandle komuntu olungangena kuye lumngcolise, kuphela lokho okuphuma kuye, yikho okumngcolisayo.


Babona abanye babafundi bakhe bedla izinkwa ngezandla ezingcolileyo, okungukuthi ezingageziwe.


Yilezo zinto ezimngcolisayo umuntu, kodwa ukudla ngezandla ezingahlanjiwe akumngcolisi umuntu.”


Akusikho okungena emlonyeni okumngcolisayo umuntu, kodwa yilokho okuphuma emlonyeni okumngcolisayo umuntu.”


nengulube nakuba inselo yayo yehlukene, inselo ihlukene kabili, kodwa ayetshisi; ingcolile kini.


“ ‘Lezi niyakuzidla kuzo zonke ezisemanzini: zonke ezinezigwedlo namazenga ezisemanzini, nezisolwandle nasemifuleni, niyakuzidla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite