Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 11:7 - IsiZulu 2020

7 nengulube nakuba inselo yayo yehlukene, inselo ihlukene kabili, kodwa ayetshisi; ingcolile kini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 nengulube, ngokuba iyahlukanisa inselo, idabula inselo kabili, ingetshisi kodwa; ingcolile kini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Nezingulube, nakuba zahlukanisile, zadabula izinselo, aziyetshisi; ungcolile kini.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 11:7
11 Referans Kwoze  

“Labo abazingcwelisa, bazihlambululele ukungena ezivandeni belandela omiyo egcekeni, bedla inyama yezingulube, nezinto ezinengekayo nezimpuku, bayophela kanyekanye,” kusho uSimakade.


Ohlaba inkunzi uyefana nobulale umuntu; ohlaba iwundlu, unjengophule intamo yenja; onikela ngomnikelo wokusanhlamvu, uyafana nonikele ngegazi lezingulube; oshisa impepho, uyafana nobonga isithombe; yebo, bonke laba bakhethe izindlela zabo, futhi nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.


abahlala emathuneni, balale ezindaweni ezisithekileyo, abadla inyama yezingulube, benomhluzi wezinto ezinengekayo ezitsheni zabo,


nengulube, nakuba yehlukene izinselo, kodwa ayetshisi; ingcolile kini; aniyukuyidla inyama yazo, aniyukuzithinta izidumbu zazo.


Yahamba-ke yayosebenza komunye umuntu walelo lizwe. Wayithumela emadlelweni akhe ukuba iyokwelusa izingulube.


Ngakho-ke amadimoni aphuma kulowo muntu, angena ezingulubeni; umhlambi wabaleka wakhalakathela eweni olwandle, waminza.


“Ningaziniki izinja okungcwele, ningawaphonsi amapharele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo, ziphenduke, zinidwengule.


zonke ezinezinselo ezehlukene, izinselo ezehlukene kabili, nezetshisayo emfuyweni, niyakuzidla.


unogwaja uyetshisa, kodwa awunazo izinselo ezehlukene; ungcolile kini;


Aniyukuyidla inyama yazo, futhi aniyukuzithinta izidumbu zazo; zingcolile kini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite