Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 11:42 - IsiZulu 2020

42 Zonke ezihuquzela ngesisu, nazo zonke ezihamba ngezinyawo ezine noma ngezinyawo eziningi, nazo zonke ezinwabuzelayo emhlabeni, aniyukuzidla, ngokuba ziyisinengiso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

42 Zonke ezihamba ngesisu, nazo zonke ezihamba ngezinyawo ezine noma ngeziningi, nazo zonke ezinwabuzelayo emhlabeni, ningazidli, ngokuba ziyisinengiso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

42 Konke okuhamba ngesisu, nakho konke okuhamba ngezinyawo ezine, nanoma yini enezinyawo eziningi phakathi kwezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, aniyikuzidla; ngoba bayisinengiso.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 11:42
12 Referans Kwoze  

Omunye wabo, umphrofethi wakubo, wathi: “AbaseKhrethe bangabaqambimanga njalo, izilwane ezimbi, neziminzi ezivilaphayo.”


Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi zenkohlakalo, eziziguqula zizenze abaphostoli bakaKhristu.


Kepha nginovalo ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zedukiswe, ziyeke ubuqotho nobumhlophe kuKhristu.


Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba ninikela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, kodwa nikushaye indiva okudingwa ngumthetho: ubulungiswa, isihawu, nokukholwa! Benifanele ukwenza lokho, kodwa ningakuyeki nalokhu komthetho.


Kepha kwathi lapho ebona abaFarisi nabaSadusi abaningi beza embhabhadisweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayise ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?


Ziyokhotha uthuli njengenyoka, zihuquzele njengezinto ezihuquzela emhlabathini. Ziyakuphuma ezinqabeni zazo zithuthumela, zize kuSimakade uNkulunkulu wethu, ziyakushaywa wuvalo, zikwesabe wena.


Inkentshane liyakudla ndawonye newundlu, ingonyama idle utshani njengenkomo, uthuli lube ngukudla kwenyoka; akuyukulimazana, akuyukucekelana phansi kuyo yonke intaba yami engcwele,” kusho uSimakade.


UNkulunkulu wathi: “Makugcwale uswebezane lwezidalwa eziphilayo ezinhlobonhlobo emanzini, kundize izinyoni emkhathini.”


“ ‘Zonke izilwane ezinwabuzelayo emhlabeni ziyisinengiso; azinakudliwa.


Ningazenzi isinengiso ngenxa yezilwane ezinwabuzelayo. Ningazingcolisi ngazo, bese niba ngabangcolile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite