Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 11:32 - IsiZulu 2020

32 Konke esiyowela phezu kwakho sesifile kuyakuba ngokungcolileyo, noma ngumuthi, noma yingubo, noma yisikhumba, noma yisaka, noma ngabe yini nje okusetshenzwa ngayo; kuyakufakwa emanzini, kube ngokungcolile kuze kuhlwe; khona kuyakuhlanzeka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Konke esiwela phezu kwakho esinye sazo sezifile kuyakuba ngokungcolile, noma kuyinto yomuthi noma yingubo noma yisikhumba noma yisaka noma yintoni okusetshenzwa ngayo; makufakwe emanzini, kube ngokungcolile kuze kuhlwe; khona kuyakuhlanzeka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Konke okuwela kukho enye yazo isifile, kuyakuba ngokungcolile; noma kuwukhuni, noma kuyingubo, noma kuyisikhumba, noma kuyisikhwama, noma kuyiyiphi into okusetshenzwa ngayo, iyakuphonswa emanzini, ibe ngongcolile kuze kuhlwe; ngakho lizahlanjululwa.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 11:32
12 Referans Kwoze  

“ ‘Isitsha sebumba esithintwe ngomfimfayo siyakuphihlizwa, zonke izitsha zokhuni ziyakuhashazwa ngamanzi.


wasisindisa; hhayi ngemisebenzi yokulunga esayenza, kodwa ngokwesihawu sakhe, ngokugezwa kokuphindu kuzalwa, ngokuba senziwe basha ngoMoya oNgcwele,


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


Kodwa isitsha sebumba obekuphekelwe kuso siyophihlizwa, kodwa uma bekuphekelwe kwesethusi kumele siphalwe bese sigezwa ngamanzi.


Zonke lezi zilwane zingcolile kini phakathi kwezilwane ezihuquzelayo; oyothinta isidumbu saso uyakuba ngongcolile kuze kube kusihlwa.


“Oyongena endlini ngezinsuku isavaliwe uyakuba ngongcolileyo kuze kuhlwe.


Umphristi uyakunikela ngawo, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa; uyakumenzela ukubuyisana phambi kukaSimakade ngenxa yokumfimfa kwakhe.


Lowo obehambise impongo ku-Azazeli uyohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba ngamanzi, andukuba angene enkanjini.


“ ‘Noma ngubani odla ingcuba noma isilwane esidweshulwe yizilo, noma ngabe ungowolibo noma ngumfokazi, uyohlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe, bese eyahlambuluka.


Umuntu oyothinta okunjalo uyokuba ngongcolileyo kuze kuhlwe, angazidli izinto ezingcwele, aze ageze umzimba wakhe ngamanzi.


Umphristi uyohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba ngamanzi ngaphambi kokuyongena enkanjini; abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.


Nazo zonke izitsha ezivulekileyo ezingenaso isisibekelo esiboshwe kuzo zingcolile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite