Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 11:10 - IsiZulu 2020

10 Kepha zonke ezingenazigwedlo namazenga ezisolwandle nasemifuleni, nazo zonke ezitshuza emanzini, nakho konke okuphila emanzini kungamanyala kini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kepha zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe eziselwandle nezisemifuleni, nazo zonke eziswebezelayo emanzini, nazo zonke izinto eziphilayo emanzini ziyisinengiso kini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Futhi zonke ezingenamaphiko nezingcwecwe, olwandle nasemifuleni, kukho konke okunwabuzelayo emanzini, nakuzo zonke izidalwa eziphilayo ezisemanzini, kuyakuba yisinengiso kini.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 11:10
10 Referans Kwoze  

Umuntu ongethembekile uyisinengiso kwabalungileyo, nohamba ngobuqotho uyisinengiso kokhohlakele.


Uma nje inyama yomnikelo wakhe wokuthula idliwe ngosuku lwesithathu, umnikelo wakhe awuyukwamukeleka, futhi awuyukubalelwa kulowo owunikeleyo; uyakuba yisinengiso, kanjalo nomuntu oyidlayo uyothwala icala.


Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha ongumngani weziwula uyolimala.


“Ungayidli noma yini enengekayo.


“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


UNkulunkulu wathi: “Makugcwale uswebezane lwezidalwa eziphilayo ezinhlobonhlobo emanzini, kundize izinyoni emkhathini.”


“ ‘Lezi niyakuzidla kuzo zonke ezisemanzini: zonke ezinezigwedlo namazenga ezisemanzini, nezisolwandle nasemifuleni, niyakuzidla.


Ziyoba yisinengiso kini; aniyukuyidla inyama yazo; nezilwane ezifile niyozithatha njengezinengekayo kini.


Kepha zonke ezingenawo amaphiko nezingcwecwe aniyukuzidla; zingcolile kini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite