Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 10:3 - IsiZulu 2020

3 UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho lokhu uSimakade akukhuluma, wathi: “ ‘Ngalabo abaseduze nami ngiyakuzibonakalisa ngingcwele, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho uJehova akukhuluma, ethi: “ ‘Kubo abaseduze nami ngiyakungcweliswa, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UMose wayesethi ku-Aroni: “Yilokhu uJehova akukhulumayo ngokuthi: ‘Ngizangcweliswa kulabo abasondela kimi, futhi phambi kwabo bonke abantu ngiyodunyiswa. U-Aroni wathula.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 10:3
46 Referans Kwoze  

Nabaphristi abasondela kuSimakade mabazingcwelise, funa uSimakade ababhubhise.”


Wathi kimi: “Wena uyinceku yami, Israyeli, engizoluveza ngayo udumo lwami.”


Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo, ngokuba banikela ngeminikelo yokushiswa kaSimakade, isinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho, bayakuba ngcwele.


USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Njengalokhu ningakholwanga yimi, futhi ningangingcwelisanga phambi kwamehlo abantu bakwa-Israyeli, ngalokho aniyukulingenisa leli bandla ezweni engilinike lona.”


“Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade.


ngokuba naphambuka phambi kwabantu bakwa-Israyeli namelana nami ngasemanzini eMeribha eKadeshi, ehlane iZini, lokhu ningangingcwelisanga phambi kwabakwa-Israyeli.


Hambani, hambani, phumani lapho! Ningathinti lutho olungcolileyo, phumani phakathi kwalo, zihlambululeni, nina eniphatha izitsha zikaSimakade.


UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emkhandlwini wabangcwele, umelwe ukuhlonishwa kakhulu yibo bonke abamzungezileyo.


Abantu baseBhethi Shemeshi base bethi: “Ngubani ongama phambi kukaSimakade, uNkulunkulu ongcwele na? Uma umphongolo usuka lapha kithi uyakwenyukela kuphi na?”


Akuyukuba bikho muntu wozalo luka-Aroni, umphristi, oyosondela anikele ngeminikelo yomlilo kuSimakade uma ekhubazekile; akayukusondela anikele ngesinkwa kuNkulunkulu wakhe.


Niyohlala ngasemnyango wethende lokuhlangana imini nobusuku, izinsuku eziyisikhombisa, nigcine umyalo kaSimakade ukuze ningafi, ngokuba ngiyaliwe kanjalo.”


“ ‘ “Ngiyakunemukela ngephunga elimnandi, lapho nginikhipha ezizweni, nginiqoqe emazweni lapho nihlakazekele khona, ngizibonakalise ukuthi ngingcwele phakathi kwenu, emehlweni ezizwe.


“ ‘Ngakho-ke bayogcina umyalo wami; ukuze bangabi nesono ngenxa yawo, bese befa ngokuba bewujivazile; nginguSimakade obangcwelisayo.


“Khuluma ku-Aroni uthi: ‘Akukho muntu okhubazekile ozalweni lwakho, ezizukulwaneni zalo, oyakusondela anikele ngesinkwa kuNkulunkulu wakhe.


Akayukuyihlambalaza inzalo yakhe phakathi kwabantu bakubo, ngokuba nginguSimakade omngcwelisayo.’ ”


Uyakumehlukanisa abe ngcwele, ngokuba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho. Uyakuba ngcwele kuwe, ngokuba Mina Simakade okwehlukanisayo, ngingcwele.


Wayesethi kimi: “Amakamelo asenyakatho namakamelo aseningizimu aphambi kwendawo eyahlukaniswe ngamakamelo angcwele, lapho abaphristi abaseduze noSimakade beyakudlela khona okungcwelengcwele. Bayakubeka lapho umnikelo wokusanhlamvu, umnikelo wesono nomnikelo wecala, ngokuba leyo ndawo ingcwele.


Ngithule, angiwuvuli umlomo wami, ngokuba nguwe okwenzile lokho.


Manje sekuyisikhathi sokuba ukwehlulela kuqale endlini kaNkulunkulu, kepha uma kuqala kithi, siyakubanjani isiphetho salabo abangalilaleli ivangeli likaNkulunkulu na?


“Othanda uyise nonina kunami, akangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami, akangifanele;


uthi kulo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Bheka, ngimelene nawe Sidoni; ngiyakudunyiswa ngawe, abantu bayakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengilehlulela, ngizibonakalise ngingcwele kulo.


Kepha uJobe wathi kuye: “Ukhulumisa okowesifazane oyisiwula. Siyakwamukela okuhle kuphela yini kuNkulunkulu, asiyukwamukela yini nokubi na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.


Baba, khazimulisa igama lakho.” Kwase kufika izwi livela ezulwini, lithi: “Ngilikhazimulisile, futhi ngizobuye ngilikhazimulise.”


USamuweli wamtshela konke, akamfihlelanga lutho. Wathi: “UnguSimakade; makenze okuhle emehlweni akhe.”


“Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, uyakubalandela, ukuze ngithole udumo ngoFaro nangempi yakhe yonke; abaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.” Benza kanjalo.


Impela mazingafi ngamvunye, abalungileyo nababi. Makube kude nawe ukwenza into efana naleyo. UMehluleli womhlaba wonke angakwenza kanjani okungalungile na?”


lapho ifika ukuba ikhazimuliswe kubo abangcwele bayo, idunyiswe ngalolo lusuku yibo bonke abakholwayo, ngokuba nakholwa ngukufakaza kwethu.


Noma yini eniyakuyicela egameni lami, ngiyakuyenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.


Umzimba wami uyathuthumela ngenxa yokukwesaba, ngiyazesaba izehlulelo zakho.


Thulani, niqonde ukuthi Mina nginguNkulunkulu, ngiyakuphakama kwabezizwe, ngiphakame emhlabeni.


Wayesethi uHezekiya ku-Izaya: “Lihle izwi likaSimakade olikhulumileyo.” Wathi futhi: “Ngokuba kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami.”


Mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yabaseGibhithe ukuze banilandele, ngiyofumana udumo ngoFaro nangayo yonke impi yakhe, izinqola zakhe zempi, nabagibele amahhashi.


“Uyogcoba u-Aroni namadodana akhe, ubangcwelise ukuba bangikhonze bengabaphristi.


Wathi kuKhora neviyo lakhe: “Kusasa ekuseni uSimakade uzonazisa ukuthi ngubani ongowakhe, nongcwele, bese emsondeza kuye lowo akhetha ukumsondeza.


Useluphakamisile udumo lwabantu bakhe, ngalokho-ke abethembekileyo bakhe bayamdumisa, abantu bakwa-Israyeli; abantu abaseduze naye. Haleluya!


Uyakukhuphukela khona ukuba uthelekele abantu bami u-Israyeli, njengefu lisibekela izwe. Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo ngikuyise kubantu bami, ukuze izizwe zazi lapho ngizibonakalisa ngawe, Gogi, ukuthi ngingcwele, ziyakuzibonela ngawazo amehlo.”


Ikamelo elibheke ngasenyakatho ngelabaphristi abagcina inkonzo yase-althare, abangamadodana kaZadoki, okuyibo emadodaneni kaLevi, angasondela kuSimakade ukuba amkhonze.”


USimakade wathi kuye: “Yehla, uhambe ubuye no-Aroni nize lapha, kodwa abaphristi nabantu mabangafohli bakhuphukele kuSimakade funa ababhubhise.”


Susa inhlupheko ongehlisele yona, ngenxa yokucindezelwa yisandla sakho, ngiyaphela.


Ubufakazi bakho buqinisekile impela. Simakade, ubungcwele buyifanele indlu yakho kuze kube phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite