Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 10:17 - IsiZulu 2020

17 “Aniwudlelanga ngani umnikelo wesono endaweni engcwele na? Ungcwelengcwele, futhi uSimakade uwunike nina ukuze nisuse ububi benhlangano, niyenzele ukubuyisana phambi kukaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “Anidlanga ngani umnikelo wesono endaweni yendlu engcwele, njengokuba ungcwelengcwele, futhi niphiwe wona ukuba nisuse ububi benhlangano, niyenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kungani ningawudli umnikelo wesono endaweni engcwele, lokhu ungcwelengcwele, futhi uNkulunkulu waninika wona ukuba nithwale ububi benhlangano ukuba niwenzele ukubuyisana phambi kukaJehova na?

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 10:17
15 Referans Kwoze  

USimakade wathi ku-Aroni: “Wena namadodana akho nabendlu kayihlo niyothwala ububi bendawo engcwele. Wena namadodana akho niyothwala ububi bobuphristi benu.


Luyokuba sebunzini lika-Aroni. U-Aroni uyakuthwala icala lanoma yimuphi umnikelo ongcwele, abantu bakwa-Israyeli abawehlukanisa njengomnikelo ongcwele, luyohlala njalo ebunzini lakhe ukuze bamukeleke phambi kukaSimakade.


owathwala izono zethu emzimbeni wakhe, emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni, siphile ekulungeni. Ngemivimbo yakhe naphiliswa,


kanjalo noKhristu, wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili engenasono, kulabo abamlindele ngokulangazelela, kube ngukusindiswa.


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Ngakusasa uJohane wabona uJesu eza kuye, wayesethi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono somhlaba.


bazenze babe necala lokudla izinto ezingcwele; nginguSimakade obangcwelisayo.’ ”


Impongo iyothwala ububi babo bonke, iye nabo kwahlongasibi, ayikhululele ehlane.


U-Aroni namadodana akhe bayowagqoka lapho bengena ethendeni lokuhlangana, nalapho besondela e-althare ukuyokhonza endaweni engcwele, uma bengenzi kanjalo bayakuzithwesa icala, bafe. Lokhu kuyakuba yisimiso saphakade kuye nasezizukulwaneni zakhe kuze kube phakade.


Uyakusidla isinkwa sikaNkulunkulu wakhe esingcwelengcwele nesingcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite