Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 10:14 - IsiZulu 2020

14 Isifuba sokuzungeziswa nomlenze niyakuwudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho, ngokuba kuyisabelo sakho nesabantwana bakho enisinikwa emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantu bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa niyakukudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe, ngokuba kuphiwe kube yimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Isifuba esinyakazayo nehlombe elinyakazayo kumelwe nikudle endaweni ehlanzekile; wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe; ngoba ingeyakho neyamadodana akho enikelwe eminikelweni yokubonga yabantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 10:14
10 Referans Kwoze  

“Nakhu okungokwakho: umnikelo wokuphakanyiswa wesipho sabo, nayo yonke iminikelo yokuzungeziswa yabakwa-Israyeli, ngikunika wena namadodana namadodakazi akho, kube ngokwenu kuze kube phakade. Yilowo nalowo ohlambulukileyo kwabendlu yakho uyakukudla.


UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukuba ngenze intando yongithumileyo, nokuba ngiwuphothule umsebenzi wakhe.


izifuba, nomlenze wangakwesokunene u-Aroni wakuzungezisa, kwaba ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade njengalokhu ayeyalile uMose.


Bona uqobo bayodla ukudla okwenzelwe ukubuyisana ukuze bangcweliswe futhi bahlukaniswe, kodwa akuyukuba khona omunye oyokudla lokhu, ngokuba kungcwele.


niyakuwudla endaweni engcwele, ngokuba uyisabelo sakho nesabelo samadodana akho eminikelweni yokushiswa kaSimakade, ngokuba ngiyalwe kanjalo.


Yonke iminikelo yezinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli abayoyinikela kumphristi, iyakuba ngeyakhe.


Wayesethi kimi: “Amakamelo asenyakatho namakamelo aseningizimu aphambi kwendawo eyahlukaniswe ngamakamelo angcwele, lapho abaphristi abaseduze noSimakade beyakudlela khona okungcwelengcwele. Bayakubeka lapho umnikelo wokusanhlamvu, umnikelo wesono nomnikelo wecala, ngokuba leyo ndawo ingcwele.


Kodwa uma indodakazi yomphristi ingumfelokazi noma ilahlwe yindoda, ingenamntwana, bese ibuyela endlini kayise njengasebusheni bayo, iyakusidla isinkwa sikayise, kepha umfokazi akayukusidla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite