Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 1:17 - IsiZulu 2020

17 Uyakulidabula phakathi kwamaphiko, kodwa angalehlukanisi. Umphristi uyakulishisa e-althare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, libe ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 awuqaqe ngamaphiko awo, angawudabuli kodwa; umpristi awushise e-altare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, ube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Uyakuliqhekeza ngamaphiko akhe, angalidabuli libe yizicucu; umpristi awuthungele e-altare phezu kwezinkuni ezisemlilweni; kungumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, iphunga elimnandi kuJehova.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 1:17
20 Referans Kwoze  

U-Abhrama wakuletha kuSimakade konke lokho, wakwehlukanisa izingxenye ezimbili, wazihlela izinhlangothi zabhekana, kodwa izinyoni akazehlukanisanga.


UKhristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono; olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya.


owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wavuswa ngenxa yokulungisiswa kwethu.


Kwathi ukuba uJesu awemukele uviniga, wayesethi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa.


UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.


Ngokuba awuyiyekelanga impilo yami kwelabafileyo; nokuba othembekileyo wakho abone igodi.


Uyakuwaletha kumphristi, alethe kuqala elomnikelo wesono, alishuphule ikhanda entanyeni, kodwa angalehlukanisi nalo,


kodwa ezangaphakathi namanqina kuyakugezwa ngamanzi. Umphristi akunikele konke, akushise kube nentuthu e-althare, kube ngumnikelo wokushiswa, ngumnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi kuSimakade.


Iphunga lalowo mnikelo lamthokozisa uSimakade, wayesethi enhliziyweni yakhe: “Umhlaba angisayukuphinde ngiwuqalekise ngenxa yabantu. Umuntu vele unemicabango emibi kusukela ebuncaneni bakhe. Ngeke ngiphinde ngikubhubhise ngozamcolo konke okuphilayo njengalokhu ngenzile.


Amnika izitho ngezitho zomnikelo wokushiswa, nenhloko, wakushisa e-althare.


Uyowuletha emadodaneni ka-Aroni angabaphristi. Ayocaphuna ngesandla impuphu ecolisekileyo, amafutha, nayo yonke inhlaka, umphristi uyokushisa kube nentuthu e-althare kube yisikhumbuzo, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.


Amadodana ka-Aroni ayokushisa konke lokhu kube nentuthu e-althare, nomnikelo wokushiswa ophezu kwezinkuni, kube ngumnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.


“ ‘Lena yindlela yomthetho yomnikelo wokusanhlamvu eyolandelwa: amadodana ka-Aroni ayowunikela phambi kukaSimakade ngaphambi kwe-althare.


UMose wageza ngamanzi ezangaphakathi namanqina, yonke inyama yenqama wayishisa e-althare; yaba ngumnikelo wokushiswa, oyiphunga elimnandi, ingumnikelo womlilo kuSimakade njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


senenza umnikelo womlilo kuSimakade, umnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokufeza isifungo, noma umnikelo wesihle, noma owemikhosi yenu emisiweyo ukwenza iphunga elimnandi kuSimakade, ezinkomeni noma ezimvini,


Enye imvu uyonikela ngayo kusihlwa. Uyonikela ngayo njengomnikelo wokusanhlamvu wasekuseni nomnikelo wawo wokuphuzwayo, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite