Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 1:10 - IsiZulu 2020

10 “ ‘Uma umnikelo wakhe ewuthathe emhlanjini wezimvu noma wezimbuzi, ukuba ube ngumnikelo wokushiswa, makanikele ngeduna elingenasici.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “ ‘Uma umnikelo wakhe ungowemihlambi, owasezimvini noma owasezimbuzini, ube ngumnikelo wokushiswa, wonikela ngeduna elingenasici.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Uma umnikelo wakhe ungowasemhlambini, owezimvu noma ezimbuzini, ube ngumnikelo wokushiswa; kumelwe alethe owesilisa ongenasici.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 1:10
22 Referans Kwoze  

Ngakusasa uJohane wabona uJesu eza kuye, wayesethi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono somhlaba.


“Makaqalekiswe oyiqili, okukhona iduna emhlanjini wakhe, afunge, ahlabele iNkosi okunesici, ngokuba ngiyinkosi enkulu, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe,” kusho uSimakade Wamabandla.


Ukuze amukeleke, uyonikela ngeduna lenkomo elingenasici noma lemvu noma lembuzi.


uma azisiwe isono sakhe one ngaso, uyakuletha umnikelo wesiphongwane esingenasici.


Iwundlu malingabi nasici, libe nonyaka, libe yiduna, ungalithatha ezimvini noma ezimbuzini.


UNowa wakhela uSimakade i-althare, wathatha kuzo zonke izilwane nezinyoni ezihlanzekileyo ngezinhlobo zazo, wenza ngazo umnikelo wokushiswa kulelo althare ayelakhile.


U-Abela naye waletha amazibulo emfuyo yakhe, wanikela ngezitho zawo ezinonileyo. USimakade wamnaka u-Abela nomnikelo wakhe,


kodwa nahlengwa ngegazi likaKhristu elinqabileyo, kungathi elewundlu elingenacala nasici.


newayini libe ngumnikelo wokuphuzwayo, uyonikela okwesine kwehini noma nomnikelo wokushiswa kube yimvana eyodwa yomhlatshelo.


“Ngosuku lwesibili uyakunikela ngempongo engenasici, ibe ngumnikelo wesono; bayakuhlambulula i-althare njengoba lihlanjululwa ngenkunzi.


“ ‘Uma umnikelo ungumhlatshelo wokuthula, ophuma emhlanjini, noma yiduna noma yinsikazi, uyonikela ngokungenasici phambi kukaSimakade.


uma kungumphristi ogcotshiweyo owonayo, ngaleyo ndlela ehlisele icala kubantu, uyonikela ngenxa yesono sakhe, ngeduna elingenasici liphuma emhlanjini wakhe libe ngumnikelo wakhe wesono kuSimakade.


“Uma omunye wenu enza isiphambeko, ona engahlosile ezintweni ezingcwele zikaSimakade, uyoletha kuSimakade umnikelo wecala, inqama enganasici ezimvini zakhe, noma kube yizinhlamvu zesiliva ngokweshekeli lendlu engcwele; lokho kungumnikelo wecala.


Wathi ku-Aroni: “Zithathele ithole leduna libe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa okungenasici, unikele ngakho phambi kukaSimakade.


“Ngosuku lwesishiyagalombili uyothatha izimvu ezimbili ezingenasici ezingamaduna, nemvu yensikazi engenasici enonyaka, nokuthathu eshumini kwempuphu ecolisekileyo exutshwe namafutha, nengxenye yelitha lamafutha.


U-Aroni uyongena endaweni engcwele nalokhu: iduna, libe ngumnikelo wesono, inqama, ibe ngumnikelo wokushiswa,


Uyothatha enhlanganweni yabantu bakwa-Israyeli izimpongo ezimbili zibe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa.


Ngalolo lusuku enizungezisa ngalo isithungo, niyakunikela ngemvu yeduna engenasici, enonyaka; ibe ngumnikelo wokushiswa kuSimakade.


anikele ngomnikelo wakhe kuSimakade, imvu yeduna enonyaka engenasici, ibe ngumnikelo wokushiswa. Anikele nangensikazi engenasici enonyaka, ibe ngumnikelo wesono, inqama engenasici ibe ngumnikelo wokuthula,


“Lokhu kuyisimiso somthetho uSimakade ayale ngaso ukuba usitshele abantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Mabalethe kuwe isithole esibomvu esingenasici, esingasoleki, esingakaze siboshelwe ejokeni,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite