Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 3:3 - IsiZulu 2020

3 Zenza unkatho ngabantu bami, zathengisa umfana ukuze zilale nesifebe, zathengisa ngentombazane ukuze zithole iwayini, zaliphuza.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Zenza inkatho ngabantu bami, zanika umfana ngesifebe, zathengisa ngentombazana ngenxa yewayini, zaliphuza.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Benza inkatho phezu kwabantu bami; wanika isifebe indodana, wathengisa ngentombazane ukuze aphuze iwayini.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 3:3
8 Referans Kwoze  

Nalo laya ekuthunjweni. Ekuthunjweni izingane zalo zaphahlazwa ezinhlanganweni zemigwaqo; benza unkatho ngezikhulu zalo, bonke abaholi balo baboshwa ngamaketango.


Phela ngosuku owamela kude ngalo, mhla abafokazi bephanga umcebo wakhe, nabezizwe betheleka emasagweni akhe, benza unkatho ngeJerusalema, nawe wawufana nomunye wabo.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Israyeli, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathengise olungileyo ngesiliva, nompofu ngezimbadada ezimbili.


isinamoni, okunephunga elimnandi, impepho, amafutha okuqhola, inhlaka, iwayini, amafutha omnqumo, impuphu ecolisekileyo, ukolo, izinkomo, izimvu, amahhashi, izinqola, izigqila, imizimba nemiphefumulo yabantu.


Nenza unkatho ngentandane, nithengisa ngomngani wenu.


“ ‘AbaseJavani, abaseThubhali nabaseMeshekhe babengabahwebi bakho, behwebelana nawe ngabantu nezitsha zethusi ukuba bathole impahla yakho.


Phaphamani, zidakwa, nikhale, nilile zinkolotshe zewayini, phela iwayini elimnandi selisusiwe emlonyeni wenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite