Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 3:16 - IsiZulu 2020

16 “USimakade uyabhodla eseZiyoni, azwakalise izwi lakhe eseJerusalema. Izulu nomhlaba kuyakuzamazama, kodwa uSimakade uyisiphephelo sabantu bakhe, nenqaba yabantu bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UJehova uyaduma eseSiyoni, ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema; izulu nomhlaba kuyazamazama, kepha uJehova uyisiphephelo sabantu bakhe, nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 INkosi izabhonga iseZiyoni, iphakamise ilizwi layo iseJerusalema; kuyakuzamazama izulu nomhlaba, kepha uJehova uyakuba yithemba labantu bakhe nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 3:16
31 Referans Kwoze  

Wathi: “USimakade uyabhonga eZiyoni, azwakalise izwi lakhe eJerusalema. Amadlelo abelusi ayagagadeka, nesicongo seKharmeli siyabuna.”


“Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Sekuzokuba ngumzuzwana nje bese ngizamazamisa izulu nomhlaba, ulwandle nomhlabathi owomileyo.’


Simakade, mandla ami nenqaba yami, siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe abezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba, bathi: “Obaba badla ifa elingamanga kuphela, okuyize, okungenanzuzo.


USimakade uyakuphuma njengeqhawe, njengendoda yempi, uyakuvusa ukushisekela kwakhe, uyakumemeza ngezwi lokunqoba, akhuze isiqubulo sempi aziqonele izitha zakhe.


Igama likaSimakade lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


Ngesikhwele nangolaka lwami oluvuthayo ngikhulumile, ngathi: Impela ngalolo lusuku kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu ezweni lakwa-Israyeli.


Ngibeke amazwi ami emlonyeni wakho, ngakufihla ethunzini lesandla sami; ngeneke amazulu, ngamisa isisekelo somhlaba, ngathi eZiyoni: ‘Wena uyisizwe sami.’ ”


Ngokuba Wena ube yisiphephelo sami, umbhoshongo oqinileyo phambi kwesitha sami.


Kwase kuba khona imibani, amazwi, ukuduma, nokuzamazama komhlaba okukhulu okwakungakaze kube khona okunjalo selokhu kwaba khona abantu emhlabeni.


Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.


yena uyohlala endaweni ephakemeyo, imigede emaweni iyoba yizinqaba zakhe, uyophiwa isinkwa, ahlale njalo ethola amanzi.


USimakade uzokupha abantu bakhe amandla. USimakade uzobusisa isizwe sakhe ngokuthula.


Ngaphezu kwalokho oyiNkazimulo ka-Israyeli akawaqambi amanga, ngokuba akasiye umuntu ukuba azisole.”


Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe. Kwaba khona imibani, ukuhlokoma kwamazwi, ukuduma, ukuzamazama komhlaba nesichotho esikhulu.


Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwathi okweshumi komuzi kwawa, kwafa ekuzamazameni komhlaba abantu abayizi-7 000, kwathi abasalayo bashaywa wuvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.


Ozwi lakhe lanyakazisa umhlaba ngaleso sikhathi, kodwa manje wethembisile, wathi: “Ngisazophinda ngizamazamise, hhayi umhlaba kuphela, kodwa nezulu ngokunjalo.”


Ngiyakubaqinisa kuSimakade; bahambe egameni lakhe,” kusho uSimakade Wamabandla.


Ingonyama ibhongile, pho ngubani ongayukwesaba na? INkosi uSimakade ikhulumile, pho ngubani ongayukuphrofetha na?


Bayakulandela uSimakade oyakubhonga njengengonyama, ngokuba uyakubhonga, qede kubuye abantwana bakhe bethuthumela, bevela entshonalanga.


“Ngiyakuqinisa abendlu yakwaJuda, ngihlenge abendlu yakwaJosefa, ngibabuyise, ngokuba ngiyabazwela. Kuyakuba sengathi angikaze ngibalahle, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wabo ngiyakubaphendula.


Kodwa lapho uSimakade ebukhosini bakhe, uyokuba nathi khona endaweni yemifula ebanzi nemithombo, lapho kungahambi khona zikebhe ezigwedlwayo, kungadabuli mikhumbi emikhulu.


Ungabi ngongethusayo, ngokuba uyisiphephelo sami ngosuku lwenhlekelele.


USimakade muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko, uyabazi labo abaphephela kuye.


“Ngiyakunyakazisa zonke izizwe, kufike okuyigugu kwazo zonke izizwe, ngiyigcwalise le ndlu ngenkazimulo,” kusho uSimakade Wamabandla.


Buyelani enqabeni nina baboshiweyo abanethemba. Ngiyanitshela namhlanje ukuthi ngiyakunibuyisela okungokwenu ngokuphindwe kabili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite