Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 3:11 - IsiZulu 2020

11 Sheshani nize zizwe zonke ezindaweni zonke, nihlangane ndawonye. Simakade, yehlisela amaqhawe akho lapho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Sheshani nifike nina bezizwe zonke nxazonke, nibuthane, wehlisele khona amaqhawe akho, Jehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Buthanani nize nina zizwe zonke, nibuthane nxazonke; makwehlele khona amaqhawe akho, Jehova.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 3:11
14 Referans Kwoze  

Mina uqobo ngibayalile abangcwele bami. Ngiwabizile amaqhawe ami, abangabami abajabula ngokuziqhenya, ukuze babonise intukuthelo yami.


“Ngakho-ke ngilindeni,” kusho uSimakade, “kuze kube lusuku engisukuma ngalo ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukuqoqa izizwe, ngihlanganise ndawonye imibuso, ukuba ngithululele kuzo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wami.”


Amaviyo empi yasezulwini amlandela, egibele amahhashi amhlophe, embethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo.


bese nina enihluphekayo aniphe ukuphumula kanye nathi ekwambuleni kweNkosi uJesu, ivela ezulwini, inezingelosi zamandla ayo,


“Kodwa aziyazi imicabango kaSimakade, aziwaqondi amasu akhe, ngokuba uziqoqele ndawonye esibuyeni njengezithungu zokusanhlamvu ezisikiwe.


ngiyakuqoqa zonke izizwe, ngizehlisele esigodini sikaJehoshafathi, ngizehlulele lapho ngenxa yabantu bami nefa lami u-Israyeli, ezimhlakazele ezizweni, zabelana ngezwe lami.


Ingelosi kaSimakade yaphuma yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000. Kuvukwa ngakusasa, babona ukuthi bonke babefile kuyizigingqane zezidumbu.


Ihlozi lehlathi liyogencwa ngembazo, neLebhanoni liyowa ngenxa yoNamandla.


Bongani uSimakade nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enigcina izwi lakhe nilalele okushiwo yilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite