Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 3:1 - IsiZulu 2020

1 “Impela ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi, lapho sengiguqula ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Ngokuba ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi, lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngokuba bhekani, ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi, lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,

Gade chapit la Kopi




UJoweli 3:1
23 Referans Kwoze  

Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ kusho uSimakade, ‘lapho ngiyakuqeda ukuthunjwa kwabantu bami, u-Israyeli noJuda, bese ngibabuyisela ezweni engalinika okhokho babo ukuba balidle,’ ” kusho uSimakade.


“Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘UJakobe ngiyakumbuyisa ekuthunjweni, yonke indlu yakwa-Israyeli ngiyihawukele, ngibe nentshisekelo ngenxa yegama lami elingcwele.


Ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, bakhe kabusha imizi ebiyincithakalo, bahlale kuyo; bayakutshala izivini, baphuze iwayini lazo, balime izivande, badle izithelo zazo.


Ngiyakufunyanwa yinina,” kusho uSimakade, “ngiyakukuqeda ukuthunjwa kwenu, nginiqoqe kuzo zonke izizwe nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona, nginibuyisele endaweni enganisusa kuyo nganiyisa ekuthunjweni,” kusho uSimakade.


Simakade, ulibusisile izwe lakho, wamenzela inhlalakahle futhi uJakobe.


khona uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuguqula ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, uyakubuya, akuqoqe ezizweni zonke, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayekuhlakazele khona.


“Usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Bheka, ngizokuqeda ukuthunjwa kwamathende kaJakobe, ngiwahawukele amakhaya akhe; umuzi uyokwakhiwa egqumeni lawo, isigodlo sihlale njengokufaneleyo.


kodwa sekuyothiwa: ‘Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owabakhuphula abakwa-Israyeli enyakatho nasemazweni wonke lapho ayebaxoshele khona;’ ngiyakubabuyisela ezweni lakubo, engalinika okhokho babo.


Sengathi kungavela eZiyoni, lowo oyakusindisa u-Israyeli. Mhla uSimakade ephinda ebuyisa abantu bakhe ekuthunjweni, uJakobe makajabule, u-Israyeli athokoze.


“ ‘ “Ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwabo, ukuthunjwa kweSodoma namadodakazi alo, nokuthunjwa kweSamariya namadodakazi alo, nokuthunjwa kwabo bonke abathunjiweyo abaphakathi kwabo,


Ngalezo zinsuku ngiyakuthululela uMoya wami naphezu kwezinceku nezincekukazi.


“Ngaleso sikhathi uyakuvela uMikhayeli, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi. Ngalezo zinsuku abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.


UMose wathi kuye: “Unomhawu ngenxa yami na? Sengathi ngabe bonke abantu bakaSimakade bangaba ngabaphrofethi, uSimakade abeke uMoya wakhe phezu kwabo.”


Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umphrofethi phakathi kwenu, Mina Simakade ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume naye ngephupho.


Buyani ngenxa yokusola kwami, lalelani, manginithululele okusemoyeni wami, nginazise amazwi ami.


Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo, nezikhukhula phezu kokomileyo, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwabantwana bakho, nesibusiso sami phezu kwezizukulwane zakho;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite