Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 2:19 - IsiZulu 2020

19 USimakade waphendula wathi kubantu bakhe: “Bhekani-ke, ngiyakunithumelela okusanhlamvu, iwayini elisha namafutha amasha, niyakusutha ngakho, ngingabe ngisanenza inhlekisa ezizweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 UJehova waphendula, wathi kubantu bakhe: “Bhekani, ngiyakunithumela amabele, newayini, namafutha, nisuthe ngakho, ngingabe ngisanenza inhlamba phakathi kwabezizwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Yebo, uJehova uyakuphendula athi kubantu bakhe: “Bhekani, nginithumelela ukolweni newayini namafutha, nisuthe ngakho; angisayikunenza nibe yihlazo phakathi kwezizwe.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 2:19
21 Referans Kwoze  

Ngiyakuzivusela insimu edumileyo; azisayukususwa yindlala ezweni, azisayukulithwala ihlazo labezizwe.


“ ‘ “Ngiyakwenza ukuba ungabe usazizwa izinhlamba zabezizwe. Awusayukulithwala ihlazo labantu, ungabe usasikhubekisa nesizwe sakini,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina.


Izibuya ziyakugcwala okusanhlamvu, izikhamo ziphuphume iwayini elisha namafutha amasha.


Bayakufika behlabelela ngokujabula, esicongweni seZiyoni bayakuthakasa ngenxa yokuhle abazokuphiwa nguSimakade; okusanhlamvu, iwayini, amafutha, amazinyane ezimvu namankonyane ezinkomo; umphefumulo wabo uyakuba njengensimu eniseliweyo, bangabe besaba nosizi nanini.


Amasimu onakele, umhlabathi womile, ngoba okusanhlamvu kushaziwe; iwayini elisha lihwamukile, namafutha amasha ashabalele.


Kulapho-ke ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi i-Akhori sibe ngumnyango wethemba. Uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe, nanjengosuku lokukhuphuka kwakhe eGibhithe.


angisayukubusitheza ubuso bami kubo, ngokuba ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwendlu yakwa-Israyeli,’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Niyobhula kuze kube yisikhathi sokuvuna imivini, nivune imivini kuze kube yisikhathi sokulima; niyakudla isinkwa senu, nisuthe, futhi niyohlala ezweni lakini nivikelekile.


Kuyakuthi ngalolo lusuku ngiphendule, ngiyakuphendula amazulu, wona aphendule umhlaba,” kusho uSimakade.


“Umhlaba uyakuphendula okusanhlamvu, iwayini elisha namafutha amasha, khona kuyakuphendula iJezreyeli.


ngiyolinika izwe lakini imvula ngesikhathi sayo, imvula yokuqala nemvula yakamuva, ukuba ubuthe okusanhlamvu kwakho, iwayini elisha lakho, namafutha akho.


Kuthe eselapho kwaMowabi, uNawomi wezwa ukuthi uSimakade ubahambele abantu bakhe wabapha ukudla, wayeselungiselela ukusuka lapho nomalokazana bakhe.


Ngiyakunihlenga kukho konke ukungcola kwenu; ngibize okusanhlamvu, ngikwenze kube yinsada, ngingabe ngisayehlisela kini indlala.


Ngiyakuzandisa izithelo ezihlahleni zenu nesivuno emasimini, ukuze ningathelwa ngehlazo ezizweni ngenxa yendlala.


“Kuyakuba khona imbewu yokuthula, umvini uyakuthela isithelo sawo, umhlabathi ukhiqize ukudla kwawo, amazulu ehlise amazolo awo. Konke lokhu ngiyakukunika insali yalaba bantu kube yifa layo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite