Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 2:15 - IsiZulu 2020

15 Bethani uphondo eZiyoni, nimemezele usuku olungcwele lokuzila ukudla, nibize umhlangano.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Bethani icilongo eSiyoni, ningcwelise ukuzila ukudla, nibize umhlangano;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Vuthelani icilongo eSiyoni, ningcwelise usuku lokuzila, nibize umhlangano ozothileyo.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 2:15
8 Referans Kwoze  

Memezelani usuku olungcwele lokuzila ukudla, nibize umhlangano, niqoqele amalunga nazo zonke izakhamuzi zezwe endlini kaSimakade uNkulunkulu wenu, nikhale kuSimakade.


Bethani uphondo eZiyoni, nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele, mazithuthumele zonke izakhamuzi ezweni, ngokuba luyeza usuku lukaSimakade, impela selusondele.


Amemezela ukuzila ukudla, ambeka uNabothi endaweni emqoka kuneyabanye abantu.


Lapho bewabetha kanyekanye, yonke inhlangano iyobuthana kuwe ngasemnyango wethende lokuhlangana.


Kwathi ngonyaka wesihlanu wokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yesishiyagalolunye, bonke abantu baseJerusalema nabo bonke ababevela emizini yakwaJuda, beza eJerusalema, bamemezela ukuzila phambi kukaSimakade.


Wayesethi uJehu: “Mahlukaniseleni uBhali umhlangano womkhosi.” Bawumemezela-ke.


Waloba ezincwadini ukuthi: “Memezelani ukuzila ukudla, nimbeke uNabothi endaweni emqoka kuneyabanye abantu,


Khawulani ukungilethela iminikelo engasho lutho; impepho iyisinengiso kimi. Imikhosi yenu yokwethwasa kwenyanga namasabatha, nokubiza imihlangano; anginakuyibekezelela imihlangano yenu emibi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite