Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 1:4 - IsiZulu 2020

4 Okushiywe yisikhonyane kudliwe ngamaqhwagi, nokushiywe amaqhwagi kwadliwa yisibotho, kwathi okushiywe yisibotho kwadliwa yinkasa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Okushiywe yisibotho kudliwe yisikhonyane, nokushiywe yisikhonyane kudliwe yizinkumbi, nokushiywe yizinkumbi kudliwe yinkasa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Okusalayo kwesundu kwadliwa yisikhonyane; okwasalayo kwadliwa yinkumbi; okwasalayo kwadla amacimbi.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 1:4
19 Referans Kwoze  

“Ngiyakunibuyisela iminyaka okwadla ngayo isikhonyane, amaqhwagi, isibotho nenkasa, impi yami enkulu engayithumela kini.


“Nganishaya ngokuhwamuka nesikhutha; izivande zenu ezininingi, izivini zenu, imikhiwane yenu neminqumo yenu kwadliwa yisikhonyane, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


INkosi uSimakade yangibonisa kanje umbono: Bheka, yayenza isikhonyane ekuqaleni kokuhluma kotshani bakamuva. Uyabona-ke, kwakungutshani bakamuva osebusikiwe bungobenkosi.


Impango yakho iyobuthwa njengalapho kubuthwa isikhonyane, nanjengesikhonyane sitheleka phezu kwayo.


Ukudla kwabo wakunika imiswenya, nomsebenzi wabo, isikhonyane.


Uma wenqaba ukuvumela abantu bami ukuba bahambe, kusasa ngizothumela isikhonyane ezweni lakho.


USimakade Wamabandla uzifunga Yena uqobo, uthi: impela ngiyakukuthelekela ngezinkumbi zamabutho njengesikhonyane, ayokhuza iziqubulo zokunqoba ngawe.


Wakhuluma, kwavela isikhonyane nezinkumbi ezingenakubalwa.


“Uma ngivala izulu, imvula ingani, noma ngiyala isikhonyane ukuba sidle okusezweni, noma ngithumela ubhubhane kubantu bami,


“Uyophuma nembewu eningi, uye ensimini, uvune okuyingcosana, ngokuba kuyodliwa yisikhonyane.


“Phakamisani ibhanela ezweni, nishaye icilongo ezizweni, nivivise izizwe ukuba zilwe nalo, nibize imibuso yase-Ararathi, yaseMini nase-Ashikhenaze, ilihlasele. Nibeke induna yamabutho amelane nalo, nithumele khona amahhashi anjengequlu lesikhonyane.


“Uma kukhona indlala ezweni, ubhubhane, ukuhwamuka, isikhutha, isikhonyane, umswenya, noma isitha sabo sibavimbezela ezweni emasangweni abo, noma ngabe iyiphi inhlupheko nobhubhane,


“Uma kuba khona indlala ezweni, noma imbo, noma ukuhwamuka, nesikhutha, isikhonyane, umswenya noma izitha zabo zibavimbezela ezweni lemizi yabo, noma inhlupheko yahlobo luni nasifo sini,


Yonke imithi yakho nezithelo zomhlabathi wakho kuyodliwa yisikhonyane.


Sizokwemboza izwe kungabi bikho muntu okwazi ukubona umhlabathi. Sizokudla lokho okusale esichothweni, sibhuqe yonke imithi esahlumayo emasimini.


“Ngiyakunivimbela isikhonyane ukuba singaziqothuli izitshalo zenu ezivela emhlabathini, nemivini yenu ingabi ngengatheliyo emasimini,” kusho uSimakade Wamabandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite