Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 1:15 - IsiZulu 2020

15 Maye ngalolo lusuku! Ngokuba usuku lukaSimakade lusondele. Luyakufika luyimbubhiso evela kuSomandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Hawu lolo suku! Ngokuba usuku lukaJehova lusondele, lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Maye ngalolo suku! ngoba usuku lukaJehova luseduze, luzafika njengokuchitha okuvela kuSomandla.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 1:15
18 Referans Kwoze  

Maye, lukhulu lolo lusuku, alukho olunjengalo! Lesi yisikhathi sokuhlupheka kuJakobe, kodwa uzosindiswa kukho.


Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaSimakade.


USimakade ulikhiphile izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba amabutho akhe maningi kakhulu, impela owenza izwi lakhe unamandla. Nokho usuku lukaSimakade lukhulu, futhi luyesabeka ngokwedlulele. Pho ngubani ongalumela na?


ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufike qathatha; ngubani onamandla okuma na?”


Bazalwane, ningakhonondi omunye ngomunye ukuze ningehlulelwa. Nango umehluleli umi ngasemnyango.


INkosi imhleka usulu, ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe selusondele.


Lolu lusuku lweNkosi uSimakade Wamabandla; usuku lokuphindisela, nolokuziphindiselela ezitheni zakhe. Inkemba iyakudla yesuthe, iyakuzanelisa ngegazi labo, ngokuba iNkosi uSimakade Wamabandla inomhlatshelo enyakatho, ngasemfuleni iYufrathe.


“ ‘Ngokuba usuku luseduze, usuku lukaSimakade selusondele; luzokuba lusuku lwamafu nesikhathi senhlekelele kwabezizwe.


Yizindimbane ngezindimbane esigodini sesinqumo, ngokuba usuku lukaSimakade selusondele esigodini sesinqumo.


Ngokuba usuku lukaSimakade selusondele kuzo zonke izizwe; njengoba wena wenze kanjalo kuyakwenziwa kanjalo nakuwe. Izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.


Thula phambi kweNkosi uSimakade, ngokuba usuku lukaSimakade selusondele. Phela uSimakade usewulungisile umhlatshelo, usebangcwelisile abamenyiweyo bakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite