Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 1:13 - IsiZulu 2020

13 Mbathani indwangu eyisaka nina baphristi, nilile, nikhihle isililo nina zikhonzi ze-althare. Wozani nilale ubusuku bonke nembethe indwangu eyisaka nina zinceku zikaNkulunkulu wami. Ngokuba umnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo akusalethwa endlini kaNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze-altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka, zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bhincani, nilile, bapristi; Memani zinceku ze-altare; wozani nilale ubusuku bonke, nina zinceku zikaNkulunkulu wami, ngokuba umnikelo wokudla nomnikelo wokuphuzwayo ugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 1:13
27 Referans Kwoze  

Ngalokho bhincani indwangu eyisaka, nikhale, nilile, ngokuba intukuthelo kaSimakade evuthayo ayikasuki kithi.


Abaphristi, izikhonzi zikaSimakade, mabakhale phakathi kompheme ne-althare, bathi: “Hawukela abantu bakho, Simakade, ungalenzi ifa lakho libe yinto yokuthukwa nenhlekisa, kungani kufanele bathi phakathi kwabezizwe: ‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”


Bayakubhinca indwangu eyisaka, uvalo lubasibekele, amahloni abe sebusweni babo bonke, amakhanda abo bonke abe yizimpandla.


Ngiyakukhala, ngilile ezintabeni, nasemadlelweni asehlane, ngikhihle isililo; ngokuba aqothuliwe, akukho muntu owedlula kuwo, akuzwakali nakukhala kwemfuyo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.


Kwathi ukuba u-Ahabi ezwe lawo mazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu eyisaka, wazila, walala endwangwini eyisaka, wazulazula ehamba enjengolahliweyo.


Bayizikhonzi zikaKhristu na? Ngikhulumisa okohlanya, ngokuba mina ngiyisikhonzi ukwedlula bona. Ngasebenza ngokuzikhandla okukhulu kunabo, ngaboshwa izikhawu eziningi kunabo, ngashaywa kaningi impela, ngaba phakathi kokufa kaningi.


Kepha kukho konke sizibonakalisa sinjengezikhonzi zikaNkulunkulu ekubekezeleni okukhulu, osizini, ekwesweleni, ekubandezekweni,


okunguye owasenza safaneleka ukuba yizikhonzi zesivumelwano esisha kungesiso esomthetho, kodwa esikaMoya. Ngokuba incwadi ebhaliwe iyabulala, kodwa uMoya uyaphilisa.


Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli, nokuthi abakhonza e-althare bathola khona isabelo sabo na?


Umuntu makasazi ukuthi siyizikhonzi zikaKhristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu.


Kodwa nina niyakubizwa ngokuthi ningabaphristi bakaSimakade, kuyakuthiwa ngani niyizikhonzi zikaNkulunkulu wethu; niyakudla imfuyo yezizwe, nizibonge ngodumo lwazo.


UDavide wamncenga uNkulunkulu ukuba asindise umntwana. UDavide wazila ukudla, wangena, walala emhlabathini ubusuku bonke.


ngaphandle komnikelo wokushiswa wokwethwasa kwenyanga nomnikelo wawo wokusanhlamvu, nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokusanhlamvu, neminikelo yayo yokuphuzwayo ngokwesimiso sayo, kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuSimakade.


Ngiyakubanika igunya ofakazi bami ababili ukuba baphrofethe izinsuku eziyi-1 260, bembathiswe indwangu eyisaka.”


Ngalolo lusuku iNkosi uSimakade Wamabandla wanibiza ukuba nikhale, nilile, niphuce amakhanda, nigqoke indwangu eyisaka,


Khala, udinde isililo, ndodana yomuntu, ngokuba iyakwehlela kubantu bami, yehlele kuzo zonke izikhulu zakwa-Israyeli, zinikelwe enkembeni nabantu bami, ngakho-ke thwala imikhono ekhanda.


Niyokwenzenjani ngosuku lwedili, nangosuku lomkhosi kaSimakade na?


Ngubani owaziyo uma engabuya axolele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo kuSimakade uNkulunkulu wenu na?


Enye imvu uyonikela ngayo ekuseni, enye kusihlwa.


Umnikelo wawo wokuphuzwayo uyokuba ngokwesine kwehini ngemvu eyodwa. Umnikelo wesiphuzo esinamandla uyothululelwa uSimakade endaweni engcwele.


Umnikelo wabo wokuphuzwayo uyokuba yingxenye yehini lewayini ngenkunzi, nokwesithathu kwehini ngenqama, nokwesine kwehini ngemvu; lokhu kungumnikelo wokushiswa wezinyanga zonke, kuzo zonke izinyanga zonyaka.


baphuce amakhanda abo ngenxa yakho, babhince indwangu eyisaka, bakulilele kalusizi.


USimakade uyakhuluma uthi: “Ngisho namanje buyelani kimi ngenhliziyo yenu nonke, ngokuzila ukudla, ngokukhala, nangokulila.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite