Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 9:9 - IsiZulu 2020

9 Zathi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba sizwile ngaye nangakho konke akwenza eGibhithe,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Bathi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba siluzwile udumo lwakhe, nakho konke akwenzayo eGibithe,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Base bethi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba sizwile umbiko wakhe nakho konke akwenzayo eGibithe,

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 9:9
21 Referans Kwoze  

Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Lokho kwenziwe ngukuthi izinceku zakho zezwa ngokweqiniso ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wayiyala inceku yakhe uMose ukuba ininike izwe, nokuba ibhubhise zonke izakhamuzi zezwe eziphambi kwenu. Besinovalo olukhulu lokuthi nizosibulala, yingakho senze le nto.


Uyokwenza kanjalo kuyo yonke imizi ekude nawe, engesiyo imizi yalezi zizwe.


“Ngiyakubeka isibonakaliso phakathi kwazo, ngithumele abasindileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, ePhuli, naseLudi; abansala umnsalo eThubhali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingawuzwanga umbiko ngami, ezingayibonanga inkazimulo yami, ukuze balande ngenkazimulo yami ezizweni.


Bheka, uyobiza izizwe ongazazi, nezizwe ebezingakwazi zigijimele kuwe ngenxa kaSimakade uNkulunkulu wakho nangenxa yoNgcwele ka-Israyeli, ngokuba ukudumisile.”


Manidumise igama likaSimakade, ngokuba ngelakhe lodwa igama eliphakemeyo, inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.


bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguSimakade, ungoPhezukonke emhlabeni wonke.


Malibongwe igama lakhe elikhazimulayo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.


AbaLevi: uJeshuwa, uKadimiyeli, uBhani, uHashabhineya, uSherebhiya, uHodiya, uShebhaniya noPhethahiya, bama kwenye indawo ephakeme, bamemeza bathi: “Sukumani nidumise uSimakade uNkulunkulu wenu, kusukela phakade, kuze kube phakade.” “Malibongwe iGama lakho elidumisekayo neliphakeme phezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.”


“Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho, u-Israyeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho,


Manje uma ubabulala bonke laba bantu, lezi zizwe ziyakuthi: ‘Sizwile umbiko othi:


Izizwe zizwile, zathuthumela; iminjunju yehlela izakhamuzi zaseFilistiya.


Kodwa ngenxa yalokhu, ngikugcinile waphila ukuze ngikukhombise amandla ami, nokwenza igama lami laziwe emhlabeni wonke.


Kwaphuma imimoya engcolileyo kwabaningi ababenayo, iphuma imemeza ngezwi elikhulu. Kwaphiliswa abaningi abafe uhlangothi, nabayizinyonga.


UMose eseKadeshi wathumela izithunywa enkosini yakwa-Edomi, wathi: “Usho kanje umfowenu u-Israyeli: ‘Uyabazi bonke ubunzima esihlangabezane nabo,


nasemakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshibhoni no-Ogi inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi.


Emveni kwezinsuku ezintathu besenzile isivumelwano nazo, bezwa ukuthi zingomakhelwane babo nokuthi zihlala phakathi kwabo.


Abantu bakwa-Israyeli basuka bagasela kuzo, bafika emizini yazo ngosuku lwesithathu. Imizi yazo kwakuyiGibheyoni, iKhefira, iBhiyerothi neKiriyathi Jeharimi.


Kuthi uma impendulo kungeyezwi lokuthula, ukwemukela, abantu bonke abayotholakala kuwo bayoba yizisebenzi zakho ngempoqo, bakukhonze.


Izimangaliso wazenza phambi koyisemkhulu eGibhithe, eZowani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite