Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 9:17 - IsiZulu 2020

17 Abantu bakwa-Israyeli basuka bagasela kuzo, bafika emizini yazo ngosuku lwesithathu. Imizi yazo kwakuyiGibheyoni, iKhefira, iBhiyerothi neKiriyathi Jeharimi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Abantwana bakwa-Israyeli base besuka, bafika emizini yabo ngosuku lwesithathu; imizi yabo yayiyiGibeyoni, neKefira, neBeroti, neKiriyati Jeharimi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Abantwana bakwa-Israyeli basuka, bafika emizini yabo ngosuku lwesithathu. Imizi yabo yayiyiGibeyoni, neKefira, neBheroti, neKiriyati Jeharimi.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 9:17
24 Referans Kwoze  

abaseKiriyathi Arimi, eKhefira, eBheyerothi bengama-743,


awaseKiriyathi Jeharimi, eKhefira naseBheherothi engama-743,


Ngokuba ithabanakeli likaSimakade ayelenzile uMose ehlane, ne-althare lomnikelo wokushiswa kwakusendaweni ephakemeyo eGibheyoni ngaleso sikhathi,


Abantu baseKiriyathi Jeharimi bafika belethe umphongolo kaSimakade, bawungenisa endlini ka-Abhinadaba entabeni, bangcwelisa u-Eleyazare, indodana yakhe, ukuba anakekele umphongolo kaSimakade.


Umngcele bese ubheka kwenye ingxenye, ujike ubheke ngasentshonalanga-ningizimu; kusuka entabeni ebhekene neBhethi Horoni eningizimu uphele eKiriyathi Bhali eliyiKiriyathi Jeharimi engumuzi wabantu bakwaJuda. Lolu wuhlangothi olungasentshonalanga.


IKiriyathi Bhali eliyiKiriyathi Jeharimi, neRaba; kuyimizi emibili nemizana yayo.


bese uqhubeka usuka esiqongweni sentaba uya emthonjeni wamanzi eNefithowa, usuke lapho uze uyofika emizini esentabeni i-Efroni, umngcele usuke ujike uye eBhahala eKiriyathi Jeharimi,


wesaba kakhulu, ngokuba iGibheyoni yayingumuzi omkhulu njengomunye wemizi yamakhosi nokuthi futhi inkulu kune-Ayi, namadoda wonke akhona angamaqhawe.


Kepha izakhamuzi zaseGibheyoni lapho zizwa ngalokho uJoshuwa ayekwenze kulo iJerikho ne-Ayi,


Zathi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba sizwile ngaye nangakho konke akwenza eGibhithe,


Emveni kwezinsuku ezintathu besenzile isivumelwano nazo, bezwa ukuthi zingomakhelwane babo nokuthi zihlala phakathi kwabo.


Kepha abakwa-Israyeli abazange bazihlasele, ngoba abaholi babo babefungile ngoSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli. Ibandla lonke lakwa-Israyeli lakhononda ngabaholi balo.


Umngcele ongaseningizimu uqala ekupheleni kweKiriyathi Jeharimi, umngcele uqhubeke uye e-Efroni emthonjeni wamanzi aseNefithowa,


Enyuka, akanisa eKiriyathi Jeharimi kwaJuda; ngalokho bayibiza leyo ndawo ngokuthi yiMahane Dani kuze kube yinamuhla; isentshonalanga yeKiriyathi Jeharimi.


Bathumela izithunywa ezakhamuzini zaseKiriyathi Jeharimi, bathi: “AmaFilisti awubuyisile umphongolo kaSimakade; yehlani, niwuthathe niwukhuphulele kini.”


Indodana kaSawule yayinezinduna ezimbili zabahlaseli: enye kwakunguBhahana enye kunguRekhabhi. Babengamadodana kaRimoni waseBherothi, wozalo lukaBhenjamini ngokuba iBherothi indawo eyanikwa uBhenjamini.


Nampa ababengabozalo lukaKhalebhu: amadodana kaHure, izibulo lika-Efratha: kwakunguShobhali, uyise kaKiriyathi Jeharimi,


UShobhali, uyise kaKiriyathi Jeharimi, wayenalawa madodana: oHarowe nengxenye kaMenuhothi.


Imindeni kaKiriyathi Jeharimi kwakungamaJetheri, amaPhuthi, amaShumathi namaMishirayithi; kubo kwavela amaZorathi nama-Eshithawoli.


Kukhona nomunye umuntu owaphrofetha egameni likaSimakade, u-Uriya, indodana kaShemaya waseKiriyathi Jeharimi, waphrofetha kulo muzi nangaleli lizwe, njengawo wonke amazwi kaJeremiya.


u-Ishmaya waseGibheyoni, iqhawe elalingomunye wabangama-30, engamele abangama-30; uJeremiya, uJahaziyeli, uJohanani, noJozabhadi waseGedera;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite