Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 9:13 - IsiZulu 2020

13 Niyabona-ke, nezimvaba zethu zewayini zazizintsha lapho sizigcwalisa, kodwa sezidabukile; izingubo nezimbadada zethu sekuvuthukela emizimbeni yethu ngenxa yobude bendlela.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 lezi zimvaba zewayini esazigcwalisa zazizintsha; bhekani, seziklebhukile; lezi zingubo zethu nezicathulo zethu sezigugile ngenxa yendlela ende kakhulu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Futhi lezi zikhwama zewayini esazigcwalisa zazizintsha; futhi bheka, zaziklebhukile, futhi lezi zingubo zethu nezicathulo zethu zaguga ngenxa yohambo olude kakhulu.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 9:13
8 Referans Kwoze  

Newayini elisha alithelwa ezimvabeni ezindala, funa izimvaba zidabuke, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale. Kepha iwayini elisha balithela ezimvabeni ezintsha, kokubili kulondeke.”


nazo zenza ubuqili. Zahamba zayozihlinzeka ngemiphako, zase zithatha amasaka agugile zawabeka phezu kwezimbongolo zazo, nezimvaba ezigugile nezidabukileyo ezase zichitshiyelwe.


“Nasi isinkwa sethu, sasisashisa lapho sisithatha ezindlini zethu ukuba sibe ngukudla kwethu endleleni, ngosuku esalifulathela ngalo elakithi lapho siza kini. Bhekani manje, somile futhi sesize savuthuluka.


Amadoda akwa-Israyeli athatha emphakweni wazo engazange alizwe ilaka likaSimakade.


Nganihola iminyaka engama-40 ehlane; izingubo zenu aziguganga emizimbeni yenu, nesicathulo asiguganga onyaweni lwenu.


Zafaka izimbadada ezindala ezinyaweni zazo, zagqoka izingubo ezigugile, zathatha umphako wezinkwa ezomile, eziyimvuthu.


Akekho futhi othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa liqhumise izimvaba, bese kuchitheka iwayini, nezimvaba ziqhekezeke. Kepha iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.”


Akukho muntu futhi othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini elisha lidabule izimvaba, lichitheke, bese konakala nezimvaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite