Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 8:4 - IsiZulu 2020

4 ewayalile, wathi: “Niyakugwaca ngemuva komuzi, ningayi kude nawo, kodwa nihlale nonke niqaphile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wawayala ngokuthi: “Bhekani, niyakuwuqamekela umuzi, emva komuzi, ningayi kude kakhulu nomuzi, nihlale nilungele nonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wabayala wathi: “Bhekani, nilele niqapha umuzi, yebo, emva komuzi; ningahambi kude kakhulu nomuzi, kepha wonke umuntu makalungele.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 8:4
14 Referans Kwoze  

Abakwa-Israyeli babeka amadoda azungeza iGibheya, alilalela unyendle.


Ngakho-ke ungabavumeli, ngokuba phakathi kwabo kunamadoda angaphezulu kwama-40 azomlalela unyendle, ngokuba azibophe ngesifungo ukuthi awazukudla futhi awazukuphuza engakambulali uPawula. Manje bakulungele lokho, futhi balindele ukuba uvume.”


Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kungcono kunamandla,” ngisho noma ukuhlakanipha komuntu ompofu kwedeleleka, namazwi akhe engashaywa mkhuba.


Ukuhlakanipha kuletha amandla kumuntu ohlakaniphile, edlule ababusi abalishumi abasemzini.


USawule wafika emzini wama-Amaleki, wawacuthela esigodini.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ngiyakuwajezisa ama-Amaleki ngalokho akwenza ku-Israyeli, amelana naye ngesikhathi esendleleni ephuma eGibhithe.


AbakwaBhenjamini babona ukuthi sebenqotshiwe. Abakwa-Israyeli bona babavulela indlela yokubaleka abakwaBhenjamini, ngoba bethemba amabutho ababewabeke ukuba abalalele unyendle ngaseGibheya.


Impi enkulu yakwa-Israyeli yasuka endaweni yayo, yazihlela ngezinhla zayo eBheli Thamari. Ababebalalele unyendle bavumbuka lapho babekhona eGebha.


Ngenxa yobutha kuye, izikhulu zaseShekhemi zabeka ezicongweni zezintaba abantu ukuba bamlalele unyendle. Bagebenga bonke ababedlula ngaleyo ndlela; kwabikwa lokho ku-Abhimelekhi.


Ngakho-ke bonke abantu ababesemzini babizelwa ndawonye ukuba babaxoshe. Besaxosha uJoshuwa baya ngokuya bededa emzini.


UJoshuwa nawo wonke amabutho bagasela e-Ayi. UJoshuwa wakhetha amabutho ayizi-30 000 wawathumela ebusuku,


Inkosi yavuka ebusuku, yathi ezincekwini zayo: “Ake nginitshele ngalokhu ukuthi abase-Aramu basilungisele lugibe luni. Bayazi ukuthi silambile, ngakho-ke baphumile enkanjini ukuba bacashe, bethi: ‘Bazophuma emzini, sibabambe, bese singena kuwona umuzi.’ ”


UJerobhowamu wayebalalele unyendle wabazungeza, ukuze aqhamuke ngemuva nangaphambili kukaJuda.


Ngakho-ke hambani ebusuku, wena namabutho anawe niyocutha endle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite