Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 8:35 - IsiZulu 2020

35 UJoshuwa alikho nalinye izwi angalifundanga phambi kwebandla lakwa-Israyeli, kukho konke uMose ayeyale ngakho; wabafundela bonke abesifazane, abantwana nabafokazi ababehlala phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 Akwabakho zwi kukho konke akuyalayo uMose, angalifundanga uJoshuwa phambi kwebandla lonke lakwa-Israyeli, nabesifazane, nabantwana, nabafokazi ababehamba phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Akubangakho nelilodwa izwi kukho konke uMose ayala ngakho, uJoshuwa angalifundanga phambi kwenhlangano yonke yakwa-Israyeli, nabesifazane, nabantwana, nabafokazi ababebazi phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 8:35
15 Referans Kwoze  

Qoqa abantu: abesilisa, abesifazane, abantwana, nomfokazi osemzini wakho ukuze bezwe, bafunde, bamesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, baqikelele ukwenza wonke amazwi alo mthetho,


Kwakulusuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa. U-Ezra, umphristi, wayiletha incwadi yomthetho phambi kwebandla, abesilisa, nabesifazane nabo bonke ababezwa, baqonde.


“Usho kanje uSimakade, uthi: yima egcekeni lendlu kaSimakade, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda eza izokhuleka endlini kaSimakade, wonke amazwi engikuyale ukuba uwakhulume kubo, ungagodli nalinye izwi.


Kepha kuthe seziphelile lezo zinsuku, saphuma sahamba, siphelezelwa yibo bonke, nomkabo nabantwana, baze basibeka ngaphandle komuzi. Saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,


UJesu ekubona lokho wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.


Qoqani abantu, ningcwelise umhlangano, niqoqe amalunga, izingane nezinsana ezisancela. Umyeni makaphume ekamelweni lakhe nomlobokazi emgonqweni wakhe.


Kwathi u-Ezra esakhuleka evuma izono, ekhala, ezilahle phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, isixuku esikhulu sabakwa-Israyeli sabuthana lapho, amadoda, abesifazane, nezingane, bonke babekhala kalusizi.


izingane zenu, omkenu, nomfokazi ophakathi kwezinkambu zakho, kusukela kogawula izinkuni kuya kulowo okha amanzi,


Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.


Aniyukuthasisela ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyukunciphisa lutho kulo, kodwa gcinani imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.


Ingxubevange yabantu yahamba nabo, imfuyo eningi kakhulu, imihlambi yezimbuzi, izimvu, nezinkomo.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda alishumi, avela kuzo zonke izilimi zabezizwe, ayakubamba umphetho wengubo yomuntu wakwaJuda, athi: ‘Masihambe nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”


“Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano, niwenze ukuze niphumelele kukho konke enikwenzayo.


“Namuhla nimi nonke phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu: izinhloko zenu, izizwana zenu, amalunga enu, izinduna zenu, bonke abantu bakwa-Israyeli,


Wafunda kuyo ebheke ngaseshashalazini elalingaphambi kweSango Lamanzi. Waqala entathakusa kwaze kwaba semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nalabo abasebenokuqonda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite