Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 8:28 - IsiZulu 2020

28 Ngakho-ke uJoshuwa walishisa i-Ayi, walishiya liyindunduma yencithakalo kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 UJoshuwa wayeselishisa i-Ayi, walenza laba yiduma lenxiwa kuze kube phakade; liyincithakalo kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 UJoshuwa walishisa i-Ayi, walenza laba yinqwaba kuze kube phakade, ihlane kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 8:28
11 Referans Kwoze  

Yonke impango yawo uyoyiqoqela phakathi nesigcawu sawo, uwushise ngomlilo, nayo yonke impango yawo, kube ngumnikelo wokushiswa kuSimakade uNkulunkulu wakho, umuzi ube yincithakalo yaphakade, ungabe usavuselelwa.


Ngakho-ke ngenxa yenu iZiyoni liyakulinywa libe yinsimu, neJerusalema libe yindunduma yencithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.


Lithelekeleni nilihlasele; niqhamuka emingceleni, nivule izinqolobane zalo, nilinqwabele libe njengezindunduma, niliqede nya, kungasali lutho kulo.


Ngakho-ke bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempi eRabha labakwa-Amoni. Liyophenduka indunduma yencithakalo, imizana yalo ishiswe ngomlilo; u-Israyeli uyokwephuca labo ababedle ifa lakhe,” kusho uSimakade.


“Ngizakulenza iJerusalema libe yindunduma yamatshe, nendawo yamakhanka; imizi yakwaJuda ngiyenze ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”


Ngokuba umuzi uwuphendule imvithi, umuzi obiyelweyo waba yincithakalo; umuzi wabafokazi awuseyiwo umuzi, awusoze wakhiwa kabusha nanini.


Isiphrofetho ngeDamaseku. “Yazini ukuthi iDamaseku liyoshatshalaliswa, lingabe lisaba ngumuzi, libe yinxiwa nencithakalo.


“ ‘Awuzwanga yini kwakudala ukuthi ngakuhlela kwasemandulo na? Ngakunquma; manje sengikufikisile ukuba ubhubhise imizi ebiyelweyo, ibe yizinqwaba.


UJoshuwa wamisa amanye amatshe ali-12 phakathi nomfula iJordani, endaweni lapho izinyawo zabaphristi ababethwele umphongolo wesivumelwano zazimi khona. Asekhona lapho kuze kube namuhla.


Inkosi yase-Ayi wayilengisa emthini kwaze kwaba kusihlwa. Ngokushona kwelanga uJoshuwa wayala ukuba basehlise isidumbu sayo emthini, basitshinge esangweni lomuzi, base bebeka inqwaba enkulu yamatshe phezu kwaso, esekhona nanamuhla.


Akuyukunamathela lutho oluqalekisiweyo esandleni sakho ukuze uSimakade aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, aniphathe ngomusa, abe nesihe kini, anandise, njengalokhu afunga kokhokho benu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite