Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 8:20 - IsiZulu 2020

20 Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emuva akhangwa yisikhatha sentuthu sibheke esibhakabhakeni, kusha umuzi. Aphelelwa ngamandla, awaze azi ukuthi abalekele ngaphi, ngokuba abakwa-Israyeli ababebalekele ehlane babaphendukela abase-Ayi ababebaxosha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emva kwabo, abona, bheka, umusi womuzi wenyukela ngasezulwini; ayengenamandla ukubaleka ngalapha noma ngalapha, lapho abantu ababebalekele ngasehlane sebephendukela ababaxoshayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Amadoda ase-Ayi aqalaza, abona, bheka, umusi womuzi wenyukela ezulwini, awabanga namandla okubaleka ngapha nangapha; abantu ababebalekele ehlane babaphendukela ababebaxosha.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 8:20
14 Referans Kwoze  

Bathi ngokwesibili: “Haleluya! Intuthu evela kuso yenyuka kuze kube phakade naphakade.”


“Amakhosi omhlaba, lawo ayefeba atamasa nalo, ayakukhala alile ngenxa yalo, lapho ebona intuthu yalo lisha.


Aliyukucinywa ubusuku nemini, intuthu yalo iyothunqa yenyuke kuze kube phakade. Liyohlala liyincithakalo izizukulwane ngezizukulwane, akukho muntu oyodabula kulo nanini.


Amaqhawe aphangiwe, alala obokugcina, akukho qhawe elikwaze ukusebenzisa izandla zalo.


Kepha amehlo ezikhohlakali ayakufiphala; ayiyukuba bikho nendawo yokuphephela; ithemba lazo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”


Kwathi lapho ethi uphonsa amehlo ezansi eSodoma naseGomora ebuka lonke izwe lamathafa, wabona isikhatha sentuthu senyuka sifana nentuthu yesithando somlilo.


Wathi ukuba aselule isandla sakhe, ababebalalele unyendle bathi vumbu lapho babegwace khona, banikela emzini. Bangena emzini, bawudla, ngokushesha bawuthungela ngomlilo.


Kuthe lapho uJoshuwa nawo wonke u-Israyeli bebona ukuthi umuzi udliwe ngababewuhlasela, nokuthi isikhatha sentuthu yomuzi sasenyukela phezulu, baphenduka babulala amabutho ase-Ayi.


Isivumelwano phakathi kwababebhacile nempi yakwa-Israyeli kwakungukuthi lapho bebona isikhatha sentuthu sivela emzini,


Kepha lapho isikhatha sentuthu siqala ukukhuphuka sivela emzini, abakwaBhenjamini babheka emuva; bheka, isikhatha sentuthu sibheke esibhakabhakeni sivela kuwo wonke umuzi.


Impi enkulu yakwa-Israyeli yabe isiphenduka ihlasela. AbakwaBhenjamini bashaywa luvalo, ngokuba babona ukuthi inhlekelele isibehlele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite