Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 8:19 - IsiZulu 2020

19 Wathi ukuba aselule isandla sakhe, ababebalalele unyendle bathi vumbu lapho babegwace khona, banikela emzini. Bangena emzini, bawudla, ngokushesha bawuthungela ngomlilo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Abaqamekeleyo bashesha basuka endaweni yabo, bagijima lapho eselula isandla sakhe, bangena emzini, bawuthatha; bawuthungela ngomlilo masinyane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Abaqamekeli bavuka masinyane endaweni yabo, bagijima lapho nje elula isandla sakhe; bangena emzini bawuthatha baphuthuma bawuthungela ngomlilo umuzi.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 8:19
5 Referans Kwoze  

USimakade wathi kuJoshuwa: “Yelulela ngase-Ayi umkhonto osesandleni sakho, ngokuba ngiyakulinikela esandleni sakho.” UJoshuwa welulela ngasemzini umkhonto owawusesandleni sakhe.


Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emuva akhangwa yisikhatha sentuthu sibheke esibhakabhakeni, kusha umuzi. Aphelelwa ngamandla, awaze azi ukuthi abalekele ngaphi, ngokuba abakwa-Israyeli ababebalekele ehlane babaphendukela abase-Ayi ababebaxosha.


Impi enkulu yakwa-Israyeli yasuka endaweni yayo, yazihlela ngezinhla zayo eBheli Thamari. Ababebalalele unyendle bavumbuka lapho babekhona eGebha.


Amabutho ayebhacile, agijimela eGibheya ngokushesha, ayesewubhubhisa wonke umuzi ngenkemba.


Uyakwenza e-Ayi nasenkosini yakhona lokho okwenzile eJerikho nasenkosini yakhona; impango yalo kuphela nemfuyo yalo eniyakuzithathela khona. Gwacani ngemuva komuzi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite