Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 8:18 - IsiZulu 2020

18 USimakade wathi kuJoshuwa: “Yelulela ngase-Ayi umkhonto osesandleni sakho, ngokuba ngiyakulinikela esandleni sakho.” UJoshuwa welulela ngasemzini umkhonto owawusesandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 UJehova wathi kuJoshuwa: “Yelulela umkhonto osesandleni sakho ngase-Ayi, ngokuba ngiyakulinikela esandleni sakho.” UJoshuwa welulela-ke umkhonto osesandleni sakhe ngasemzini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UJehova wayesethi kuJoshuwa: “Yelulela umkhonto osesandleni sakho ngase-Ayi; ngokuba ngiyakuwunikela esandleni sakho. UJoshuwa welulela umkhonto owawusesandleni sakhe ngasedolobheni.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 8:18
14 Referans Kwoze  

UJoshuwa akasifinyezanga isandla sakhe, wayelokhu eselulile siphethe inkemba, waze wazibhubhisa zonke izakhamuzi zase-Ayi.


ngokuba waphonsela uNkulunkulu inselelo, wazigabisa kuSomandla.


Umgodla uyakhehlezela, kubenyezele umkhonto nengcula.


UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, umkhonto nengcula, kodwa mina ngiza kuwe ngegama likaSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisileyo.


Weza umFilisti, wafika wasondela kuDavide; umuntu owayephethe isihlangu wayehamba phambi kwakhe.


Wayenezivikelo zethusi emilenzeni, nengcula yethusi phakathi kwamahlombe.


niyakuvuka niwuthelekele umuzi, niwudle, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu uzowunikela ezandleni zenu.


Wena phakamisa induku yakho, welulele isandla sakho phezu kolwandle ulwehlukanise, yikhona abantu bakwa-Israyeli bezodabula ulwandle behamba emhlabathini owomileyo.


USimakade wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni uthi: ‘Yelula isandla ophethe ngaso induku, uselulele phezu kwemithombo, imifula, namachibi, ukhiphele eGibhithe amasele.’ ”


Akusalanga namunye e-Ayi noma eBhethele lapho bephumela ukuyoxosha abakwa-Israyeli, bawashiya amasango ethe gengelezi.


Wathi ukuba aselule isandla sakhe, ababebalalele unyendle bathi vumbu lapho babegwace khona, banikela emzini. Bangena emzini, bawudla, ngokushesha bawuthungela ngomlilo.


Yebo, ngiyakuziqinisa izingalo zenkosi yaseBhabhele, bese kuthi izingalo zikaFaro ziyethe. Bayakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengibeka inkemba yami esandleni senkosi yaseBhabhele; yona iyakuyelulela phezu kweGibhithe, imelane nalo.


USimakade wathi kuMose: “Hamba uye kuFaro uthi kuye: ‘USimakade uthi: vumela abantu bami bahambe ukuze bayongikhonza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite