Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 7:15 - IsiZulu 2020

15 Kuyothi umuntu oyotholakala enokuqalekisiweyo, ashiswe ngomlilo nakho konke anakho, ngokuba esephulile isivumelwano sikaSimakade, nangokuba enze into embi kakhulu kwa-Israyeli.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kuyakuthi othathwayo enokuqalekisiweyo ashiswe ngomlilo, yena nakho konke anakho, ngokuba eqile isivumelwano sikaJehova nangokuba esebenzile ubuwula kwa-Israyeli.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Othathwe nempango uyakushiswa ngomlilo, yena nakho konke anakho, ngokuba wephule isivumelwano sikaJehova nangenxa yokuthi wenze ubuwula kwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 7:15
11 Referans Kwoze  

Amadodana kaJakobe ayefika nje evela ekwaluseni lapho ezwa ngaleso sigameko, ashaqeka, awotha ubomvu, ngokuba wayenze ichilo kwa-Israyeli ngokungcolisa indodakazi kaJakobe, okwakuyinto eyayingafanele neze ukwenziwa.


Ngasithatha isancinza sami, ngasinquma izinqamu, ngazithumela ezifundeni zonke eziyifa lakwa-Israyeli, ngokuba izakhamuzi zenze ububi nobuwula obuyihlazo kwa-Israyeli.


Mina-ke ngiyoshona kuphi nalelo hlazo na? Nawe usuyofana neziwula zakwa-Israyeli. Ngakho-ke ake ukhulume nenkosi, ngeke ikwenqabele ukuba ungithathe.”


USawule wathi: “Ngonile; buya, ndodana yami, Davide, ngokuba angizukukulimaza futhi, njengoba ukuphila kwami kube yigugu emehlweni akho namuhla; ngenzise okwesiwula, ngidukile kakhulu.”


U-Israyeli wonile, usephulile isivumelwano engimmisele sona. Bathathile izinto eziqalekisiweyo, bebile, benza inkohlakalo, bazithathile lezo zinto bazihlanganisa nempahla yabo.


Ngakho-ke uJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, wasondeza abantu bakwa-Israyeli ngokwezizwana zabo. Kwakhethwa isizwe sakwaJuda.


Izakhamuzi zaseGibheya zangivukela, zazungeza indlu ebusuku. Zaziqonde ukungibulala; zadlwengula isancinza sami saze safa.


Siyothatha amadoda alishumi kwayikhulu kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli, nayikhulu kwayinkulungwane, nayinkulungwane kwalishumi lezinkulungwane, ukuba ahlinzeke amabutho ngokudla, azohamba ayophindisela eGibheya kwaBhenjamini ngalobu buwula obuyihlazo ababenzile kwa-Israyeli.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite