Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 6:5 - IsiZulu 2020

5 Kuyothi lapho beshaya uphondo lwenqama isikhathi eside, lapho nje nikuzwa ukukhala kwecilongo, bonke abantu bayakumemeza ngesaho esikhulu, udonga lomuzi luyakudilika bese bonke abantu begasela phakathi.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kuyakuthi lapho bekhalisa kade uphondo lwejubili* nalapho nilizwa izwi lecilongo, bonke abantu bakhamuluke ngokukhamuluka okukhulu, ugange lomuzi luwele phansi endaweni yalo, abantu bakhuphuke, yilowo nalowo aqonde phambili nje.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Lapho bebetha uphondo lwenqama isikhathi eside, lapho nizwa ukukhala kwecilongo, bonke abantu bayakukhamuluka ngokukhamuluka okukhulu; ugange lomuzi luyakuwa, abantu bakhuphuke, kube yilowo nalowo phambi kwakhe.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 6:5
17 Referans Kwoze  

Ngokukholwa, zawa izingange eJerikho emva kokuzungezwa izinsuku eziyisikhombisa.


Lapho umsindo wecilongo wawulokhu uzwakala kakhulu ungathuli, uMose wakhuluma, uNkulunkulu wamphendula ngezwi elikhulu.


Abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda basuka bakhamuluka, bawaxosha amaFilisti kwaze kwaba seGathi nasemasangweni e-Ekhroni. Abalimeleyo bamaFilisti bawa ngasendleleni eya eShaharayimi, kwaze kwaba seGathi nase-Ekhroni.


UDavide wavuka ekuseni ngovivi, washiya izimvu kumlindi, wathatha ayekuthunyiwe, wangena indlela, njengalokhu uJese emyalile. Wafika enqabeni ngesikhathi impi iphuma ukuyozihlela, kusakhuzwa iziqubulo.


Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaSimakade ufika enkanjini, u-Israyeli wonke wakhamuluka ngezwi elikhulu, kwaze kwazamazama umhlaba.


Abantu bamemeza kakhulu, kwakhala amacilongo. Kwathi ukuba abantu bezwe ukukhala kwamacilongo, bamemeza kakhulu, lwawa udonga, ngakho-ke abantu bawuthelekela, bawudla umuzi.


Lapho sekungokwesikhombisa, abaphristi sebewashayile amacilongo, uJoshuwa wathi kubantu: “Memezani kakhulu, ngokuba uSimakade uwunikele kini lo muzi.


Khuzani iziqubulo zempi nxazonke; lize liphakamise izandla lithi: maluju! Imibhoshongo yalo iyakuwa, izingange zalo ziyakudilizwa, ngokuba lokho kuyimpindiselo kaSimakade; phindiselani kulo, njengokuba lenzile, yenzani kanjalo kulo.


Kuzo zonke izintaba eziphakeme nasemagqumeni amade, kuyoqhuma imifula nemifudlana, ngosuku okuyoba khona ngalo ukubulalana okukhulu, lapho kubhidlika imibhoshongo.


Izinqaba eziphakemeyo ezingangeni zakhe ziyobhidlizwa, ziyakuwiselwa phansi zidicilelwe emhlabathini, ngisho othulini imbala.


nabaphristi abayisikhombisa bephethe amacilongo ayisikhombisa ezimpondo zezinqama, behamba phambi komphongolo wesivumelwano. Ngosuku lwesikhombisa uyakuwuzungeza umuzi kuze kube kasikhombisa, abaphristi bebetha amacilongo.


Ngakho-ke uJoshuwa, indodana kaNuni, wabiza abaphristi, wathi kubo: “Thathani umphongolo wesivumelwano bese abaphristi abayisikhombisa baphathe amacilongo ayisikhombisa ezimpondo zezinqama phambi komphongolo kaSimakade.”


Amabutho ayebhacile, agijimela eGibheya ngokushesha, ayesewubhubhisa wonke umuzi ngenkemba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite