Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 6:27 - IsiZulu 2020

27 USimakade wayenaye uJoshuwa, udumo lwakhe lwagcwala ezweni lonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 UJehova wayenaye uJoshuwa; udumo lwakhe lwalukhona ezweni lonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UJehova waba njalo noJoshuwa; udumo lwakhe lwaba lukhulu ezweni lonke.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 6:27
22 Referans Kwoze  

Kepha izakhamuzi zaseGibheyoni lapho zizwa ngalokho uJoshuwa ayekwenze kulo iJerikho ne-Ayi,


Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


“Ngokuba lapho kuhlangene khona ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”


Zathi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba sizwile ngaye nangakho konke akwenza eGibhithe,


Kwathi ukuba wonke amakhosi ayengaphesheya kweJordani kwelezintaba, nalawo ayesemathafeni agudle ugu loLwande Olukhulu kuya ngaseLebhanoni: amaHithi, ama-Amori, amaKhanani, amaPherizi, amaHivi namaJebusi, ezwe ngalokhu,


USimakade wayenaye uJosefa, wamenzela umusa, waba nogazi kumphathijele.


INkosi mayibe nomoya wakho. Umusa ube nani.


Kepha iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, kuthi bonke abezizwe bayizwe, futhi ngakhululwa emlonyeni wengonyama.


Umusa weNkosi uJesu uKhristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.


Ngaleso sikhathi uHerode, uMthethraki, wezwa kubikwa ngoJesu,


Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke iSiriya. Baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlungu, ababehlukunyezwa futhi bekhwelwe ngamadimoni, abanesithuthwane, nababefe uhlangothi, wabaphulukisa.


Nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, ngazibhubhisa zonke izitha zakho phambi kwakho, ngakwenzela igama elidumileyo njengegama labantu ababalulekile emhlabeni.


“Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade.


Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”


Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayukukulahla, akayukukushiya.”


USimakade wayenoJuda, walinqoba elezintaba, kodwa akakwazanga ukuxosha izakhamuzi zasemathafeni, ngokuba zazinezinqola zensimbi.


UDavide waba nempumelelo kuzo zonke izindlela zakhe; uSimakade wayenaye.


Igama likaDavide laphumela emazweni wonke; uSimakade wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.


UMoridekhayi waba ngumuntu omkhulu esigodlweni, nodumo lwakhe lwanda kuzo zonke izifundazwe, waqhubeka njalo waba ngumuntu onamandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite