Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 6:23 - IsiZulu 2020

23 Izinsizwa ezazikade ziyizinhloli zangena zamkhipha uRahabi, noyise, nonina, nabafowabo, nabo bonke ayenabo. Zawukhipha wonke umndeni wakhe, zababeka ngaphandle kwenkambu yakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Izinsizwa ezaziyizinhloli zangena, zamkhipha uRahabi, noyise, nonina, nabafowabo, nabo bonke anabo, zakhipha bonke abomuzi wakhe, zababeka ngaphandle kwekamu* lakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Izinsizwa ezaziyizinhloli zangena, zamkhipha uRahabi, noyise, nonina, nabafowabo, nakho konke anakho; bakhipha zonke izizukulwane zakhe, bazishiya ngaphandle kwekamu lika-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 6:23
15 Referans Kwoze  

Ngokukholwa, uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, ehlonipha uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, ngokwenza kanjalo wawehlulela umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.


ukuthi ngaleso sikhathi naningenaye uKhristu, ningaphandle komphakathi wabakwa-Israyeli, ningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, futhi ningenaNkulunkulu emhlabeni.


Kambe nginandabani nokwehlulela abangaphandle na? Akusibo yini abangaphakathi okumele nibehlulele na?


yathi: ‘Ungesabi, Pawula, kumele ukuba ume phambi kukaKhesari. UNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe kulo mkhumbi.’


Wathi kubo: “Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane noma ahambelane nowesinye isizwe, kodwa uNkulunkulu ungitshengisile ukuba ngingasho nakoyedwa ngithi unechilo noma ungcolile.


“Bonke phakathi kwenu ababulele umuntu, nabathinte isidumbu, mabahlale ngaphandle kwenkambu izinsuku eziyisikhombisa. Zihlambululeni nabathunjwa ngosuku lwesithathu nolwesikhombisa.


Kungenzeka kube khona abalungileyo abangama-50 kulo muzi. Ngabe uzowuqothula wonke umuzi ungawuyeki ngenxa yabalungileyo abangama-50 abakuwo na?


Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.


uma kuyothi lapho sihlasela izwe, sithole ungayibophelanga le ntambo ebomvu efasiteleni owasikhipha ngalo, futhi ungaqoqelanga endlini yakho uyihlo nonyoko nabafowenu nabo bonke abendlu kayihlo.


nokuthi niyomsindisa ubaba, umama, abafowethu, odadewethu nakho konke okungokwabo, nisikhulule ekufeni.”


Ngesikhathi uNkulunkulu ebhubhisa imizi eyayisethafeni wamkhumbula u-Abhrahama, wangambhubhisa uLothi naleyo mizi ayekade ehlala kuyo.


Ngokukholwa, uRahabi isifebe, akabhubhanga nalabo ababengalalelanga, ngokuba wemukela izinhloli ngokuthula.


Wathi kuwo: “Hambani nilibhekise kwelezintaba, ukuze abanixoshayo banganitholi. Cashani lapho izinsuku ezintathu baze babuye abanixoshayo, bese niqhubeka nohambo lwenu.”


Ngakho-ke yabakhombisa indlela yokungena emzini, bawubhubhisa umuzi ngenkemba, kodwa indoda nomndeni wayo wonke babadedela bahamba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite