Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 6:13 - IsiZulu 2020

13 Abaphristi abayisikhombisa ababephethe amacilongo ezimpondo zezinqama ayisikhombisa, bedlula phambi komphongolo kaSimakade beshaya amacilongo. Amadoda ahlomile ahamba phambi kwabo, amanye alandela umphongolo kaSimakade, kwathi abashaya amacilongo bawashaya bengaphumuli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Abapristi abayisikhombisa, bethwele amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi komphongolo kaJehova, bahamba njalo bewabetha amacilongo; abahlomileyo bahamba phambi kwabo, nesigaba sasemuva sawulandela umphongolo kaJehova, bebetha amacilongo besahamba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Abapristi abayisikhombisa abathwala izimpondo zezinqama eziyisikhombisa phambi komphongolo kaJehova badabula, babetha izimpondo; abahlomileyo baphuma phambi kwabo; kodwa umvuzo wafika ngemva komphongolo kaJehova, abapristi bahamba bevuthela izimpondo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 6:13
8 Referans Kwoze  

Masingakhathali ngukwenza okuhle, ngokuba siyovuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.


Kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni, nguyena oyakusindiswa.


Kwathi lapho uNkulunkulu esebasizile abaLevi, abathwali bomphongolo wesivumelwano sikaSimakade, base benikela ngezinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.


Kwase kusuka ibhanela lenkambu yabozalo lukaDani, ngamabandla ayo, lona lalisemva kwazo zonke ezinye izinkambu. Owayelihola kwakungu-Ahiyezeri, indodana ka-Amishadayi.


nabaphristi abayisikhombisa bephethe amacilongo ayisikhombisa ezimpondo zezinqama, behamba phambi komphongolo wesivumelwano. Ngosuku lwesikhombisa uyakuwuzungeza umuzi kuze kube kasikhombisa, abaphristi bebetha amacilongo.


Amadoda ahlomile ahamba phambi kwabaphristi ababeshaya amacilongo. Amanye ahamba ngemuva elandela umphongolo, abashaya amacilongo bawashaya kabaze baphumula.


UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abaphristi bathatha umphongolo kaSimakade.


Ngosuku lwesibili bahamba bawuzungeza umuzi kanye, base bebuyela enkanjini. Bakwenza lokho izinsuku eziyisithupha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite